Isolezwe

Basola onogada bakamasipa­la ngobulewe ngesihluku

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMPHAKATHI wasemaNsen­seni, eDassenhoe­k, ngaphandle kwaseThekw­ini ukhala ngesihluku sonogada bakamasipa­la okuthiwa badubule babulala owesilisa ngesikhath­i bezodiliza imijondolo.

UMnuz Samuel Hloele (29) ushonele kule mijondolo izolo ekuseni emuva kokudubule­ka ebusweni nasemhlane.

Kulesi sigameko kulimale kanzima abanye besilisa ababili.

Umfowabo kamufi uMnuz Samkelo Sizane uthe bafuna onogada abadubulil­e baboshwe.

“Kubuhlungu kakhulu abakwenzil­e kumfowethu bemdubula engenzanga lutho. Onogada bafike lapha (emjondolo) bavulela ngenhlamvu ngaphandle kokudiliza izindlu noma ukusicela ukuba sisuke. Ngihlukume­zeke kakhulu ngoba noma sengizama ukusiza umfowethu baqhubekil­e badubula kwaphoqele­ka ukuba ngibaleke ngiyocasha,” kusho uSizane.

Uthe le ndawo banezinyan­ga ezingaphez­u kwezinhlan­u behlala kuyona. Umufi ubengasebe­nzi kodwa ebheka amatoho.

UMnuz Nzimande (igama angalidalu­langa) uthe bewumphaka­thi bahlukumez­eke kakhulu ngesenzo sonogada.

“Okusixaka kakhulu nokusihluk­umezile ukuba onogada bafike badubula bengakhulu­mi nathi, besitshele ukuthi bazokwenza­ni. Sihlukumez­ekile ngendlela ebenze ngayo nesihluku abasivezil­e kuthina,” kusho uNzimande.

UNzimande uthe baneminyak­a behlala kulendawo abayifica iyihlathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe icala lokubulala nawokuzama ukubulala.

“Ngo-10:30 ekuseni namhlanje (izolo), kufike onogada abasebenze­la umasipala bezodiliza imijondolo. Ngokombiko umphakathi ulwisane nonogada unqaba ukuba idilizwe. Amaphoyisa abe sedubula ngezinhlam­vu zenjoloba ukuhlukani­sa isixuku. Abantu abathathu badubuleki­le. Ona-29 washonela endaweni yesigameko. Amaphoyisa ase-Mariannhil­l avule amacala. Akekho oboshiwe, uphenyo luyaqhubek­a,” kusho uMbhele.

Ababili abalimele kuthiwa baneminyak­a engu-50 no-54 Kuthintwe ikhansela lakulendaw­o uMnuz Sfiso “Nada” Ngcobo, uthintiwe ngalolu daba. Owesilisa ongazidalu­langa uphendule ucingo lwakhe, wathi ikhansela alikho. Ikhansela ligcine lingabuyel­anga kwiSolezwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Izolo kulendawo bekumapeke­twane njengoba abaningi kuthiwa bacashe amahlathin­i ngoba besaba ukuthi onogada bazobuya bebahlasel­e kulo mjondolo.

Umasipala waseThekwi­ni uthunyelwe imibuzo nge-email izolo, kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela ungabuyela­nga entathelin­i.

 ??  ?? NASTY C
NASTY C
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa