Umsindo ngomcimbi wokuvalelisa abaculi
I-DA isola iMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, ngesinqumo sayo sokuhlela umcimbi wezihlabani zabaculi uBongekile “Babes Wodumo” Simelane nomrepha uNasty C.
UBabes noNasty C balibhekise emcimbini wamaBET azoba seLos Angeles, ngeSonto la bezomela khona iKwaZuluNatal neTheku.Umcimbi wokubavalelisa unamhlanje ekuseni eMoses Mabhida Stadium.
Baqokwe emunxeni weBest International Act: Africa kumaBET.
Ucingo lukaMnuz Zwakele Mncwango ongumholi weDA KwaZulu-Natal beluvaliwe ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule ngalolu daba. Kodwa ubhale kuFacebook wathi uMasipala weTheku uzowa maduze abantu bakuleli bangasho ukuthi ababaxwayisanga.
“Kumoshwa imali kwenziwa imicimbi engenasidingo njengalo. Kusetshenziswa imali yabakhokhi bentela,” kubhala uMncwango.
UMnuz Mduduzi Nkosi we-IFP uthe abayiboni inkinga bona beyiqembu leNkatha ngokuvaleliswa kwabaculi.
“Bayophakamisa ifulegi laseThekwini phesheya. Lokhu kuzobeka idolobha iTheku kwelinye izinga. Maningi kakhulu amaqembu nabantu baseThekwini asebenzelwe imicimbi efana nalena ngakho asiboni ukuthi yini engavimba ukuthi abaculi abasebancane abanekusasa eliqhakazile bangenzelwa umcimbi,” kusho uNkosi.
Uthe umcimbi ofana nalona awenziwa ngemali edingeka isigubhukane kodwa ikhona imali ebekwayo futhi nabo abayaziyo ebhekele izidingo ezifana nalezi.
“Ixoxiwe ngisho emhlanganweni kaMasipala le ndaba sayizwa kahle. Akuwona umcimbi wokudla izimali ngendlela okungeyona. Sibafisela inhlanhla kukho konke abayokwenza, basimele kahle,” kuchaza uNkosi.
UMthunzi Gumede, okhulumela iMeya yeTheku, uthe kade baqala ukwenza imicimbi enjengalena akukhona okokuqala.
“Samenzela umbhukudi uChad le Clos, Ladysmith Black Mambazo, Ithimba Le-Afrika, neqembu le-rugby amaSharks ngakho nalaba njengoba behamba kumele bavaleliswe. Yinto enhle kakhulu lena edolobheni iTheku ngoba laba baculi bazobe beqhakambisa idolobha iTheku,” kusho uMthunzi.
Uthe umcimbi uzobe ungekho ezingeni eliphezulu kuzoba yinto encane yokufisela abaculi uhambo oluhle.
Imizamo yokuthola uBabes Wodumo noNasty C ukuze baphawule ngomcimbi abahlelelwe wona ayiphumelelanga. Izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana baveze imibono yabo ngalo mcimbi.
UNompu Siziba uthe: Kubi lokhu okwenzekayo.
UDamian Micheal uthe: I-ANC isikhombisa ukudideka.
URay Ray: Animeni kumele sithole ukuthi yimalini echithiwe kwenziwa lo mcimbi ongenasidingo.
U-Unathi Kwaza: Abavoti baseKZN bavuna abakutshala. Kunjalo-ke ukuvotela izigebengu ze-ANC.