Isolezwe

Umsindo ngomcimbi wokuvaleli­sa abaculi

- NOKUBONGWA PHENYANE

I-DA isola iMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, ngesinqumo sayo sokuhlela umcimbi wezihlaban­i zabaculi uBongekile “Babes Wodumo” Simelane nomrepha uNasty C.

UBabes noNasty C balibhekis­e emcimbini wamaBET azoba seLos Angeles, ngeSonto la bezomela khona iKwaZuluNa­tal neTheku.Umcimbi wokubavale­lisa unamhlanje ekuseni eMoses Mabhida Stadium.

Baqokwe emunxeni weBest Internatio­nal Act: Africa kumaBET.

Ucingo lukaMnuz Zwakele Mncwango ongumholi weDA KwaZulu-Natal beluvaliwe ngesikhath­i ethintwa ukuze aphawule ngalolu daba. Kodwa ubhale kuFacebook wathi uMasipala weTheku uzowa maduze abantu bakuleli bangasho ukuthi ababaxwayi­sanga.

“Kumoshwa imali kwenziwa imicimbi engenasidi­ngo njengalo. Kusetshenz­iswa imali yabakhokhi bentela,” kubhala uMncwango.

UMnuz Mduduzi Nkosi we-IFP uthe abayiboni inkinga bona beyiqembu leNkatha ngokuvalel­iswa kwabaculi.

“Bayophakam­isa ifulegi laseThekwi­ni phesheya. Lokhu kuzobeka idolobha iTheku kwelinye izinga. Maningi kakhulu amaqembu nabantu baseThekwi­ni asebenzelw­e imicimbi efana nalena ngakho asiboni ukuthi yini engavimba ukuthi abaculi abasebanca­ne abanekusas­a eliqhakazi­le bangenzelw­a umcimbi,” kusho uNkosi.

Uthe umcimbi ofana nalona awenziwa ngemali edingeka isigubhuka­ne kodwa ikhona imali ebekwayo futhi nabo abayaziyo ebhekele izidingo ezifana nalezi.

“Ixoxiwe ngisho emhlanganw­eni kaMasipala le ndaba sayizwa kahle. Akuwona umcimbi wokudla izimali ngendlela okungeyona. Sibafisela inhlanhla kukho konke abayokwenz­a, basimele kahle,” kuchaza uNkosi.

UMthunzi Gumede, okhulumela iMeya yeTheku, uthe kade baqala ukwenza imicimbi enjengalen­a akukhona okokuqala.

“Samenzela umbhukudi uChad le Clos, Ladysmith Black Mambazo, Ithimba Le-Afrika, neqembu le-rugby amaSharks ngakho nalaba njengoba behamba kumele bavalelisw­e. Yinto enhle kakhulu lena edolobheni iTheku ngoba laba baculi bazobe beqhakambi­sa idolobha iTheku,” kusho uMthunzi.

Uthe umcimbi uzobe ungekho ezingeni eliphezulu kuzoba yinto encane yokufisela abaculi uhambo oluhle.

Imizamo yokuthola uBabes Wodumo noNasty C ukuze baphawule ngomcimbi abahlelelw­e wona ayiphumele­langa. Izingcingo zabo bezikhala zingabanjw­a.

Abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a baveze imibono yabo ngalo mcimbi.

UNompu Siziba uthe: Kubi lokhu okwenzekay­o.

UDamian Micheal uthe: I-ANC isikhombis­a ukudideka.

URay Ray: Animeni kumele sithole ukuthi yimalini echithiwe kwenziwa lo mcimbi ongenasidi­ngo.

U-Unathi Kwaza: Abavoti baseKZN bavuna abakutshal­a. Kunjalo-ke ukuvotela izigebengu ze-ANC.

 ??  ?? BABES WODUMO
BABES WODUMO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa