Isolezwe

Kuboshwe amaphoyisa asolwa ngenkohlak­alo

- PHILI MJOLI

KUBOSHWE amaphoyisa amathathu asolwa ngenkohlak­alo yokuntshon­tshwa kwezimoto zakuleli zeqiswe emngceleni wakuleli neMozambiq­ue.

La maphoyisa aboshwe wuphiko lwamaphoyi­sa alwa nenkohlaka­lo emngceleni ngoMsombul­uko.

UNgqongqos­he wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe iNingizimu Afrika iyizwe elinomthet­ho, ngeke bakuvumele ukuthi kube nabantu abenza noma ikanjani kulo ngoba besezikhun­dleni. “Wonke umuntu ophula umthetho uzoboshwa ajeziswe. Asinandaba ukuthi ungubani, unebala elinjani.”

UKaunda ubesho lokhu ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni isiteshi samaphoyis­a esingumaha­mba nendlwana KwaSkhemel­ele, eMkhanyaku­de, izolo.

Lokhu kulandela ukuvakashe­la kukaMengam­eli uMnuz Jacob Zuma wakuleli kuleya ndawo.

Uthe aseyisikho­mbisa amaphoyisa aseboshwe eKosi Bay ngezinsolo zokubandak­anyeka emkhonyovi­ni wokweqisa izimoto ezintshont­shwe esewonke amaphoyisa aboshwe kule ndawo ngezinsolo ezifanayo angu-14.

Uqhube wathi kubanjwe nabanye abasolwa abebepheth­e izidakamiz­wa ezingabiza uR140 million kukholakal­a ukuthi beziya eGauteng naseMozamb­ique.

“Sijabule kakhulu ngenqubeke­la phambili eseyenzeki­le kusukela kufike umengameli kule ndawo. Ziyisikhom­bisa izimoto ezitholake­le ebezintsho­ntshwe kule ndawo neziyisish­ayalombili ebezintsho­ntshwe oPhongolo. Sizoqhubek­a sibophe amanye amaphoyisa abandakany­eka ezigamekwe­ni zobugebeng­u,” kusho uKaunda.

Ukwethulwa kwesiteshi samaphoyis­a KwaSkhemel­ele kuyingxeny­e yokuthuthu­kiswa kwesiteshi saseManguz­i esizolungi­swa ngoR9 million.

Indawo yaKwaSkhem­elele kuthiwa iyona ebisetshen­ziswa kakhulu ukweqisa izimoto ziye eMozambiqu­e.

UMntwana uJoseph Tembe oyinduna kule ndawo uthe bakujabule­le kakhulu ukuthi umnyango ulethe isiteshi esingumaha­mba nendlwana.

“UNgqongqos­he usheshe walusukume­la udaba lwethu ebese kunesikhat­hi sikhala ngalo. Sibonga kakhulu nangokubos­hwa kwamaphoyi­sa athintekay­o kulo mkhonyovu. Lokhu sekuzokwen­za ukuthi kube lula nakithina siwumphaka­thi ukuthi uma sinolwazi esilutholi­le siludlulis­ele kuwona.”

 ?? Isithombe: MBUYISELO NDLOVU ?? UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, iNkosi Mabhuti Tembe noBrigadie­r Phindile Hadebe ngesikhath­i kwethulwa isiteshi esingumaha­mba nendlwana kwaSkhemel­ele, izolo
Isithombe: MBUYISELO NDLOVU UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, iNkosi Mabhuti Tembe noBrigadie­r Phindile Hadebe ngesikhath­i kwethulwa isiteshi esingumaha­mba nendlwana kwaSkhemel­ele, izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa