Isolezwe

Bakhungath­ekile ngabadobi abaminzile

- KHULEKANI MASEKO

AGCINE esezibambe­le mathupha amalungu omphakathi waseWungu ngaseNyoni, ethungatha abesilisa ababili bakule ndawo okuthiwa baminze bedoba izinhlanzi emfuleni, i-Matigulu, ngoMsombul­uko ekuseni. Elayizolo lishone kungaziwa obekubambe isidumbu sikaMnuz Sihle Nxasane (28) nesomngane wakhe (elingakada­lulwa igama kuze kube kubikelwa umndeni), okuthiwa baminze bezama ukuhlamba namanethi bewelela ngapheshey­a komfula ngenhloso yokudoba izinhlanzi. Amanye amalungu omphakathi asola ukuthi laba badonswe yisilwane. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook Kuthiwa umphakathi (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma bewuthunga­tha laba umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ababili kusuka kwenzeke lesi sigameko, wehla wenyuka osebeni lomfula ngethemba lokuthi zizoqubuka izidumbu. UMnuz Thembinkos­i Xaba obedoba nalaba abaminzile athe bangabanga­ne bakhe, uthe usathuthum­ele uma ecabanga ngokubehle­le. “Uma sidoba abanye bayahlamba bawelele ngapheshey­a kusale ozobamba ipali lenethi nganeno. Kulokhu senze kanjalo bahlamba bobabili. Sebezophum­ela osebeni bavele bashona phansi kanyekanye sengathi kukhona into ebadonsayo. Ngithuke ngoma, ngaphuma emanzini ngagijima ngihlaba umkhosi ngokwenzek­ile,” kuchaza uXaba. Uthe ukudoba izinhlanzi kulo mfula, yinto abajwayele ukuyenza nabangane bakhe. Ozibize ngoninomnc­ane kaNxasane, uNksz Fikile Mfeka uthe selokhu behlale osebeni lomfula kusuka ngoMsombuk­o ekuseni. “Amaphoyisa afike athungatha usuku lonke angathola lutho. Asitshela ukuthi azobuya namuhla (izolo) ekuseni, kodwa kuze kube manje awakabuyi. Sithole umyalezo kuthiwa athi aseyesaba ukuzocinga ngoba asola ukuthi yisilwane esibambe abafana. Lokhu kusihlukum­ezile singumnden­i ngoba asisazi ukuthi senzenjani ukuze sibathole,” kuchaza uNksz Mfeka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe ithimba lamaphoyis­a aseNyoni ophiko lwezokutak­ula (Search and Rescue Team), limatasa lithungath­a abaminzile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa