Abadala bamashe bekhala ngokuhlukunyezwa
BAKHALA ngokudlelwa impesheni ogogo nomkhulu baseThekwini abamashe ezitaladweni zaleli dolobha bekhuza ukuhlukunyezwa kwabadala.
Ogogo nomkhulu abangaphansi kwe-The Association for the Aged (Tafta) bamashe besuka eCity Hall bayophelela kuSamora Machel Street (Aliwal) bethi bakhathele wukudlelwa imali yempesheni nokuhlukunyezwa yimindeni yabo nomphakathi wonkana.
UNkk Adelaide Valashiya (76) obemasha uthe bazibona bengogogo abakhululekile ngoba bayakwazi ukumasha ekubeni ozakwabo behlukunyezwa nsukuzonke. “Sifuna izwe lazi ukuthi ogogo nomkhulu abadingi ukuhlukunyezwa kodwa badinga uthando nokunakekelwa. Ozakwethu bayashaywa, badlelwa imali yempesheni futhi izinhliziyo zabo zihlala zibuhlungu. Sikhathazekile ngokuhlukunyezwa kogogo abashiywa bodwa emakhaya abanye bayadlwengulwa. NgoJuni 15 wusuku lokuhlonipha abadala emhlabeni jikelele nathi sifuna izwe likhumbule ukuthi ogogo nomkhulu badinga ukunakekelwa. Abadala banamalungelo futhi namhlanke sihlangene ukuzokhuluma ngazwi linye sithi isizwe asihloniphe amalungelo ethu,” kusho uNkk Valashiya.
Ugqugquzele umphakathi ukuthi ubike izigameko zokuhlukunyezwa kwabadala ukuze amaphoyisa aziphenye kuboshwe nabasolwa.
“Ucwaningo luveza ukuthi u-10% wogogo nomkhulu emhlabeni jikelele badlelwa impesheni yabo ngamalungu emindeni kodwa lokhu akubikwa. Uma izigameko sokuhlukunyezwa kwethu zingabikwa kwabomthetho amaphoyisa awakwazi ukubopha abantu abasihlukumezayo okusho ukuthi sihlala sihlukunyezwa. Siyacela umphakathi ubike uma ubona ogogo nomkhulu behlukunyezwa,” kusho uNkk Valashiya.
Isikhulu esiphezulu se-Tafta uNkk Femada Shamam sithe kubalulekile ukuthi umphakathi ukhumbule iWorld Elder Abuse Day minyaka yonke ukuze kubikwe izigameko zokuhlukunyezwa kwabadala.
“Abadala bashiywa bodwa emakhaya, abanakwa futhi abangenawo amandla okuzigeza abanaye umuntu obanakekelayo. Izigameko zokuhlukunyezwa kwabo azibikwa, umphakathi uvele uthule. Abantu abadala bayahlukunyezwa kuyo yonke imiphakathi akukho ukuthi kuhlukunyezwa abahlala endaweni ethile kuphela. Kulezi zinsuku abadala bahlushwa yizigebengu ezibadlwengulayo nezibadlela impesheni yabo,” kusho uNkk Shamam.
Uthe bazoqhubeka nokwenza imikhankaso egqugquzela ukuvikelwa kwabadala nokubanikeza izindawo eziphephule zokuhlala.