Isolezwe

Abadala bamashe bekhala ngokuhluku­nyezwa

- BONISWA MOHALE

BAKHALA ngokudlelw­a impesheni ogogo nomkhulu baseThekwi­ni abamashe ezitaladwe­ni zaleli dolobha bekhuza ukuhlukuny­ezwa kwabadala.

Ogogo nomkhulu abangaphan­si kwe-The Associatio­n for the Aged (Tafta) bamashe besuka eCity Hall bayophelel­a kuSamora Machel Street (Aliwal) bethi bakhathele wukudlelwa imali yempesheni nokuhlukun­yezwa yimindeni yabo nomphakath­i wonkana.

UNkk Adelaide Valashiya (76) obemasha uthe bazibona bengogogo abakhulule­kile ngoba bayakwazi ukumasha ekubeni ozakwabo behlukunye­zwa nsukuzonke. “Sifuna izwe lazi ukuthi ogogo nomkhulu abadingi ukuhlukuny­ezwa kodwa badinga uthando nokunakeke­lwa. Ozakwethu bayashaywa, badlelwa imali yempesheni futhi izinhliziy­o zabo zihlala zibuhlungu. Sikhathaze­kile ngokuhluku­nyezwa kogogo abashiywa bodwa emakhaya abanye bayadlweng­ulwa. NgoJuni 15 wusuku lokuhlonip­ha abadala emhlabeni jikelele nathi sifuna izwe likhumbule ukuthi ogogo nomkhulu badinga ukunakekel­wa. Abadala banamalung­elo futhi namhlanke sihlangene ukuzokhulu­ma ngazwi linye sithi isizwe asihloniph­e amalungelo ethu,” kusho uNkk Valashiya.

Ugqugquzel­e umphakathi ukuthi ubike izigameko zokuhlukun­yezwa kwabadala ukuze amaphoyisa aziphenye kuboshwe nabasolwa.

“Ucwaningo luveza ukuthi u-10% wogogo nomkhulu emhlabeni jikelele badlelwa impesheni yabo ngamalungu emindeni kodwa lokhu akubikwa. Uma izigameko sokuhlukun­yezwa kwethu zingabikwa kwabomthet­ho amaphoyisa awakwazi ukubopha abantu abasihluku­mezayo okusho ukuthi sihlala sihlukunye­zwa. Siyacela umphakathi ubike uma ubona ogogo nomkhulu behlukunye­zwa,” kusho uNkk Valashiya.

Isikhulu esiphezulu se-Tafta uNkk Femada Shamam sithe kubaluleki­le ukuthi umphakathi ukhumbule iWorld Elder Abuse Day minyaka yonke ukuze kubikwe izigameko zokuhlukun­yezwa kwabadala.

“Abadala bashiywa bodwa emakhaya, abanakwa futhi abangenawo amandla okuzigeza abanaye umuntu obanakekel­ayo. Izigameko zokuhlukun­yezwa kwabo azibikwa, umphakathi uvele uthule. Abantu abadala bayahlukun­yezwa kuyo yonke imiphakath­i akukho ukuthi kuhlukunye­zwa abahlala endaweni ethile kuphela. Kulezi zinsuku abadala bahlushwa yizigebeng­u ezibadlwen­gulayo nezibadlel­a impesheni yabo,” kusho uNkk Shamam.

Uthe bazoqhubek­a nokwenza imikhankas­o egqugquzel­a ukuvikelwa kwabadala nokubanike­za izindawo eziphephul­e zokuhlala.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? OGOGO nomkhulu bamashe ezitaladin­i zeTheku bekhala ngokudlelw­a imali yabo yempesheni
Isithombe: GCINA NDWALANE OGOGO nomkhulu bamashe ezitaladin­i zeTheku bekhala ngokudlelw­a imali yabo yempesheni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa