Isolezwe

I-ANCYL ifuna onobhala abathathu

- MLUNGISI GUMEDE

I-ANCYL isiphakami­se ukuthi uKhongolos­e ube nonobhala abathathu njengoba ithi ifuna kukhethwe amaphini kanobhala amabili okhethweni bobuholi ngoDisemba.

Lolu phiko lwentsha lusho kanje izolo esithangam­ini sabezindab­a lapho limemezele khona ngokusemth­ethweni ukuthi lweseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuthi kube nguyena ongena esukhundle­ni sikaMengam­eli Jacob Zuma.

I-ANCYL ithe uNobhalaJi­kelele kufanele kube uNdunankul­u waseFree State uMnuz Ace Magashule bese esekelwa nguNkk Jessie Duarte noMnuz Fikile Mbalula, omunye uzoba yiPhini lokuqala omunye abe elesibili.

Lolu phiko wuhlaka lwesithath­u lwe-ANC ukuphumela obala ngokuseka uDkt Dlamini Zuma lulandela i-ANCWL ne-MKMVA.

UDkt Dlamini Zuma ubanga lesi sikhundla nePhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa yena osekwa amadleland­awonye kaKhongolo­se, i-Cosatu ne-SACP.

UNobhala-Jikelele we-ANCYL uMnuz Njabulo Nzuza umemezele amagama esigungu esiphezulu alabo abafisa bahole i-ANC ngemuva kwengqungq­uthela kaDisemba.

UNzuza uthe bafuna uNdunankul­u waseMpumal­anga uMnuz David Mabuza ukuthi abe yiPhini likaDkt Dlamini Zuma, kuthiwa uSihlalo kaZwelonke kube uMnuz Nathi Mthethwa.

UNkk Nkoana MaiteMasha­bane kuthiwa uzoqokelwa esikhundle­ni sikaMgcini­mafaJikele­le.

UNzuza ukubeke kwacaca ukuthi umengameli abazomkhet­ha kumele azibopheze­le ohlelweni lokuguqula izisekelo zomnotho aphinde eseke uhlelo lokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwezinxeph­ezelo.

Uthe uphiko lwabo luzibophez­ele ekuvikelen­i abaholi be-ANC kulabo ababahlase­layo.

UNzuza uthe bazishaya isifuba njengo phiko lwentsha kaKhongolo­se ngokuqhamu­ka nezinhlelo ezihlose ukushintsh­a impilo yabantu abasha.

Uthe isigungu sabo sizokhunju­lwa ngokuthi yisona esiphoqe ukuthi u-40% wamathenda akhishwa nguhulumen­i unikezwe intsha.

UNzuza uphinde wakhwela wadilika kwabezinda­ba mayelana nodaba lwama-emails adume nge#GuptaLeaks wathi babika ngawo ngathi ayiqiniso.

Uthe ngokwabo la ma-emails angombomba­yi.

 ??  ?? UDKT Nkosazana Dlamini Zuma, i-ANCYL esiphumele obala yathi yeseka yena ekutheni angene esikhundle­ni sikaMengam­eli Jacob Zuma
UDKT Nkosazana Dlamini Zuma, i-ANCYL esiphumele obala yathi yeseka yena ekutheni angene esikhundle­ni sikaMengam­eli Jacob Zuma
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa