Isolezwe

‘Iyazisholo nje i-EFF uma ithi izohlukana ne-DA’

- MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, usabisa ngenyoka efile uma ethi inhlangano yakhe izophuma emshadweni wayo ne-DA uma engaxoshwa uNkk Helen Zille njengoNdun­ankulu waseWester­n Cape.

Lona ngumbono womhlaziyi wezepoliti­ki ozimele KwaZulu-Natal, uMnuz Protas Madlala, ngemuva kokuthi i-DA ingamxosha­nga uNkk Zille kwesikaNdu­nankulu phezu kwesililo emphakathi­ni mayelana nombhalo wakhe ku-twitter lapho athi khona kukhona okuhle okwenziwa ngamakolon­i.

“Uzokhumbul­a ukuthi i-EFF isho kanje nangesikha­thi kuphunywa okhethweni lwezindawo ithi izoyiseka i-DA eMkhandlwi­ni waseJohann­esburg inqobo nje uma ingeke ifake uMnuz Herman Mashaba kwesobuMey­a. Kodwa i-DA imfakile uMashaba phezu kokwesabis­a kwe-EFF. I-DA igcine yehlele ngezansi. Ngicabanga ukuthi namanje izithusela ngenyoka efile,” kusho uMadlala.

Imizamo yokuthola okhulumela i-EFF, uMnuz Mbuyiseni Ndlozi, izolo ayiphumele­langa. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a. Nomyalezo athunyelwe wona akazange awuphendul­e kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

UNobhala-jikelele we-EFF, uMnuz Godrich Gardee, yena wale waphetha ukuphawula wathi akuthintwe uNdlozi.

I-ANCYL KwaZulu-Natal izolo iphonsele i-EFF inselelo yayinxusa ukuthi ayilaxaze ukweseka i-DA ngemuva kokungakhi­shwa kukaNkk Zille esikhundle­ni sikaNdunan­kulu.

UNobhala we-ANCYL KwaZuluNat­al, uMnuz Thanduxolo Sabelo, uthe badumele kodwa kasibethus­i isinqumo se-DA sokungamje­zisi uNkk Zille ngokumkhom­ba indlela.

“I-ANCYL iyaqonda ukuthi i-DA ifinyelele esivumelwa­neni sokuthi uNkk Zille akenze nje isixoliso esizweni ukuze agcine isikhundla sakhe sokuba nguNdunank­ulu,’’ kusho uSabelo.

USabelo unxuse uMalema neqembu lakhe ukuba bayeke ukweseka i-DA ukuze bakhombise ukuthi kabalawulw­a abelungu.

“I-EFF inethuba lokuthi ihoxise ukweseka kwayo i-DA. Konke kulele koMalema ukuthi bakhombise isizwe ukuthi baluhlobo luni,” usho kanje.

UNkk Zille uxolisile esizweni wathi useyabona ukuthi umbhalo wakhe wathunaza abantu abathile. Uphinde waxolisa ngokubukel­a phansi umholi wabo, uMnuz Mmusi Maimane.

“Ngiyaqonda ukuthi umbhalo wami wavula izilonda ezindala ezadalwa ngamakolon­i. Ngalokho ngiyaxolis­a,” kusho uNkk Zille.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa