Bafuna kuqine umthetho kwabagila imbokodo
INTSHA iphonsele uhulumeni inselelo ngokuthi makaqinise isigwebo kwabahlukumeza abesifazane nabababulalayo.
Izolo intsha ivule ingqungquthela yengculazi i-8th SA AIDS Conference ese-ICC, eThekwini ngokunxusa uhulumeni ukuthi akaqinise umthetho kwabadlwengula nababulala abesifazane nezingane. Ingqungquthela eqale izolo kulindeleke ukuthi ivalwe kusasa. Intsha ifunde uhlu lwamagama abesifazane abasanda kubulawa kuleli ngenhloso yokukhombisa ukuthi sidlange kangakanani isihlava sokubulawa kwabesifazane. Baphinde baveza ukuthi sebekhathele wukubona kwethulwa imikhankaso kungalandelwa ukuthi iyawenza yini umehluko. Owesifazane (25) waseMolweni, igama lakhe eligodlelwe ukumvikela, uthe abesifazane bagcina bengawabiki amacala ngoba bebona bengagwetshwa ababoshelwa amacala okudlwengula abesifazane nezingane. Owesifazane oyinxusa lomkhankaso obhekiswe entsheni iDreams, oxhaswe yi-UNAIDS, uthe wadlwengulwa eneminyaka engu11 ebuya esikoleni kodwa akazange atshele muntu ngokwamehlela.
“Angizange ngitshele muntu ukuthi ngidlwenguliwe ngoba ngangisabela umndeni wami. Uma umuntu ekutshela ukuthi uzobulala umndeni wakho uma ukhuluma uyaye uzitshele ukuthi yinto azoyenza ngempela. Phezu kwalokho ngangizitshela ukuthi ekhaya ngeke bangikholwe,” kusho owesifazane.
Uthe kuze kube yimanje akakawutsheli umndeni ahlala nawo ngokwenzeka. Isihlobo sakhe asitshela sathi akazame ukudlulisa okwenzeka. Ukuxoxisana nabanye abasha ngokwamvelela kwenze wahlangana nabanye abadlule esimweni esifana nesakhe.
“Iningi lentsha esengike ngakhuluma nayo seyake yadlwengulwa umuntu osondelene nayo noma lazi umuntu oseke wadlwengulwa. Abaningi babo abawavulile amacala ngoba abanalo ithemba lokuthi umthetho uzosebenza,” kusho owesifazane.
Uqhube wathi kufanele izinhlelo zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane zibhekiswe nakwabesilisa kutholakale ukuthi kungani benza lokhu bese kusungulwa izinhlelo zokubavikela.
UNksz Andile Mthombeni ofunda eWits University uthe uhulumeni awuyeke ukusungula imikhankaso engapheli. Ubekhuluma ngemikhankaso okuthiwa ibhekiswe ekuthuthukiseni abesifazane nasekulweni nokusabalala kwegciwane lengculazi. UNksz Dumisile Zwane uthe bengabantu abasha bakuleli bafuna ukuhola izinhlelo zokulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi – abafuni lokhu kwenziwe ngaphandle kwabo.
Imininingwane yenhlangano yezempilo emhlabeni wonke, iWorld Health Organisation (WHO), ithi udlame olubhekiswe kwabesifazane lunomthelela ekutheni bangenwe yigciwane lengculazi.
IWHO ithe kwabesifazane abathathu oyedwa uhlukunyezwa umuntu athandana naye. Lezi zibalo ziveza ukuthi emhlabeni wonke bangu-38% abesifazane ababulawa abantu abathandana nabo. Ziphinde ziveze ukuthi u-45% wezingane zamantombazane uthi uqale ukuya ocansini ngokudlwengulwa.