Isolezwe

Bakhala ngezinja zabo eziluma omakhelwan­e

- PHILI MJOLI

UMNDENI wakwaGcaba­she KwaMaphumu­lo ukhala ngezinja zawo ezihlalise lubhojozi omakhelwan­e. Lezi zinja kuthiwa sezilume omakhelwan­e ababili, owesithath­u wephuka ingalo ebaleka ngesikhath­i zimjaha.

UNksz Nonhlanhla Gcabashe uthe ngempelaso­nto lezi zinja zilume itshitshi ebelidlula ngendlela liphuma emfundelwe­ni komunye umakhelwan­e. “Okusimanga­zile wukuthi azikhonkot­hanga, zivele zayiluma ingane, sizwe isikhala ubumayemay­e. Kumanje isesibhedl­ela ilimele kanzima ezinqeni. Sesesaba ukuthi zingaze zibulale umuntu. Sike sacabanga ukuthi sizibulale kodwa kwabuye kwafika ukuthi kungcono sicele usizo lokuthi zithathwe ziyogcinwa lapho kugcinwa khona izilwane.”

Uthe lezi zinja zinhlanu kodwa ezimbili zazihambel­a zayohlala komunye umakhelwan­e.

Ezine uthe yizinja ezijwayele­kile zasemakhay­a, eyodwa ngeyokuzin­gela kodwa ayizingeli ngoba akekho ohamba nayo ayozingela.

Uthe zathengwa nguyise ongasekho enzela ukuthi bezwe uma kukhona umuntu ofuna ukungena egcekeni kodwa manje abasazifun­i ngoba seziyingoz­i.

“Sesesaba nokuthi zizojikela nezingane zethu. Asazi noma zingenwe yiwo amarabi esike sizwe kuthiwa zenza ukuthi zishintshe. Bezihlale zijovwa njalo uma kufike abomnyango kulo nyaka bebengakaf­iki. Asinayo imali yokuzihamb­isa kudokotela sicela ukuthi inhlangano yezilwane isisize izithathe.”

UMnuz Mlungisi Sibiya wenhlangan­o evikela izilwane iSociety for the Prevention of Cruelty in Animals (SPCA) eMgungundl­ovu uthe uma izinja sezikulesi simo akulula ukuthi zibuyele esimeni sazo esidala.

“Ngicela ukuthi umndeni izinja uzilethe noma kumuphi uSPCA oseduze. Ungazami ukuzibulal­a ngoba uzosuke ukwenze lokho ngendlela enesihluku,” kusho uSibiya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa