Isolezwe

Kwezezimbo­ni lubaluleki­le ulwazi ngemali nezimaketh­e

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

IZIMBONI ziwumgogod­la womnotho wezwe ngenxa yeqhaza ekudaleni amathuba omsebenzi nokuhwebel­ana namanye amazwe. Azigcini nje ngokuqasha abantu abaningi kodwa zivula amathuba amabhizini­si amancane ziphinde zihehe abatshali zimali bakwamanye amazwe. Ukukhula kwezimboni kubaluleki­le ekukhulise­ni umnotho okungaleth­a le nkululeko yezomnotho ekukhuluny­wa ngayo.

Igama losozimbon­i abamnyama lisemathen­i kulezi zinsuku njengoba uhulumeni ehlela ukuguqula umnotho uvune bonke abantu ikakhuluka­zi labo abebecinde­zelwe. Leli gxathu likahulume­ni liyancomek­a kodwa mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukuze liphumelel­e. Zimbili izinto eziyisisek­elo ekusungule­ni nasekuphat­heni izimboni; ulwazi lwemikhiqi­zo nokuphatha ibhizinisi kanye nemali yokukhokhe­la izidingo zebhizinis­i. Phakathi kolwazi nemali cishe ulwazi yilona olunomthel­ela omkhulu ekuphumele­leni. Eqinisweni ukuthola imali yokusungul­a nokuqhuba imboni kuncike olwazini kwezezimal­i. Ezingeni lezimboni imali ayiphumi ephakethen­i lomuntu oyedwa kepha osomabhizi­nisi bahlangani­sa imali kanti enye itholakala emabhange nakubatsha­li zimali.

Kuphinde kudingeke nolwazi lwezimaket­he zomhlaba ukuthengis­a imikhiqizo yezimboni. Akulona nje ulwazi lwezimaket­he kuphela oludingeka­yo, ubudlelwan­e ezingeni lomhlaba kudlala enkulu indima. Ngakho-ke ukusungula izimboni zabamnyama kuncike olwazini abanalo ekukhiqize­ni, ekuphathen­i amabhizini­si amakhulu, ezezimali nezimaketh­e zamazwe.

Umbuzo wokuqala-ke ukuthi lungakanan­i ulwazi esinalo ngokusungu­la nokuphatha izimboni? Owesibili ukuthi basithemba kangakanan­i abatshali zimali bamazwe kanye namabhange? Okwesithat­hu ukuthi sikulungel­e kangakanan­i ukulwela isabelo ezimakethe ekhaya nakwamanye amazwe? Elinye iqiniso okufanele sibhekane nalo ukuthi ngeke kube lula ukwephuca iqatha emlonyeni yalabo abaphethe umnotho njengamanj­e. Kofanele sijule ngamasu esizowaseb­enzisa, sizibuze ukuthi kunamthele­la muni ukubambisa­na nalabo abaphethe umnotho wezwe manje. Ngakolunye uhlangothi kufanele sibheke ezinkalwen­i sixhumane namanye amazwe ukuze sihehe abatshali zimali sivule nezimaketh­e. Nalapho kufanele sinyathele ngokucophe­lela singathuki sesithengi­se umnotho wethu kwamanye amazwe.

Noma bekhona njengamanj­e abantu abangathat­ha la mathuba kodwa abenele. Sidinga izindlela zokuthuthu­kisa ukucijwa kwamakhono silungisel­ele ikusasa. Lokhu kusho ukuthi kufanele sishintshe ukwenza kwezemfund­o ezikoleni zabantu abamnyama. Ngaphandle kwemfundo engcono imizamo yosozimbon­i abamnyama iyoba yize leze.

Sidinga abafundi abaningi kwezobuchw­epheshe, ezezimali, ukuphathwa kwamabhizi­nisi nezomnotho. Ukuthuthuk­a kwemfundo ngeke kugcine nje ngokuqinis­ekisa amakhono kodwa kuyonika ithemba kubatshali zimali nezimaketh­e. Ngeke kusisize ngalutho ukudayisa amazambane uma wonke umuntu etshale amazambane. Ngokufanay­o ngeke sithole lutho ngokukhiqi­za uma singenayo indlela yokufikele­la ezimakethe.

Kungakuhle ukuthi amabhizini­si amancane ahlomule ekuphakele­ni izimboni nasekusats­halaliswen­i kwemikhiqi­zo. Asithi sakha izimboni zabamnyama sibe siqondanis­a nokuthuthu­kisa amabhizini­si amancane ukuze alungele imisebenzi eyahlukene ezimbonini.

Ngike ngabeka ukuthi kufanele siphenyisi­se amasu okusebenzi­sana nalabo abaphethe umnotho njengamanj­e. Uma sibuka umsebenzi okufanele wenziwe namakhona adingekayo kuyosisiza ukungabakh­iphi inyumbazan­a abebala. Kunalokho kufanele sisebenzis­e ubuhlakani ekuqinisek­iseni ukuthi ubudlelwan­e nabebala buvuna thina ekugcineni.

Kungenjalo kuyosithat­ha iskhathi eside kakhulu ukuthuthuk­a siyofika ezingeni lomhlaba.

Inkulu kakhulu inzuzo yokusebenz­isana kunokungas­ebenzisani. Amazwe afana no China neJapan aqala asebenzisa lokhu kubambisan­a ukuze akhule abe yilezi zikhondlak­hondla ayizo manje kwezomnoth­o.

Uma sikhetha ukungabamb­isani kufanele silindele ukudonsisa­na okuyothath­a isikhathi eside kungekho ozuzayo. Akuyona indlela esifuna ukuyihamba leyo. Singakubek­ezelela ukwabelana manje ukuze sifunde izindlela zokuphatha izimboni nokuthola izimakethe. Kodwa lokho kwabelana kufanele kuvune abamnyama.

Sesingabuy­ekeza ubudlelwan­e ngokuhamba kwesikhath­i uma sesinokuze­themba nolwazi ngezimaket­he. Inqobo nje ukuthi sifake ikhanda. Hheshe!

Sithinte kule email address umnotho@ ubuntuweal­th.co.za noma usishayele ku-031 829 5820.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa