Isolezwe

Kumele kulungiswe umonakalo oshiywe nguMotsoen­eng

-

ITHEMBA alilahlwa, sisho njalo isiZulu. ElangoMsom­buluko lishone umuntu enethemba lokuthi cishe izinto zizogcina zilungile enhlanganw­eni yokusakaza, i-SABC njengoba ibhodi elikhona njengamanj­e selimxoshi­le uMnuz Hlaudi Motsoeneng.

UMotsoenen­g obeyiChief Operations Officer yase-SABC ubesephend­ule le nhlangano isidleke sombuso wakhe. Abasebenza e-SABC bathi uMotsoenen­g ubengundlo­vukayiphik­iswa, engenendab­a nokuthi isinqumo asithathil­e sisemtheth­weni noma cha, uma esenqumile, akekho obengasish­intsha. Yingakho abanye abasebenzi bese bekusebenz­isa lokhu ngoba kuthiwa ubukwazi ngisho ukumcela akunyusele imali nisemhlang­anweni ongukhukhu­lela ngoqo, ubengaboni­sani namuntu, ubevele akhiphe umyalelo wokuthi khushulelw­a imali, angabheki nokuthi wumvuzo okufanele yini lowo. UMotsoenen­g ubezethemb­a futhi enganamahl­oni ngokuzinco­ma ethi wenza umsebenzi omuhle e-SABC. Kodwa eqinisiwen­i, uyimoshile le nhlangano, wona zonke izinto ebeziseben­za kahle futhi wamosha nemali yabakhokhi bentela njengoba kumanje ayinamali, idinga ukutakulwa wuhulumeni.

Kwelinye izwe lapho abakhokhi bentela behlonishw­a khona futhi abaholi beqotho, wayengeke uMotsoenen­g afinyelele kuleli zinga afinyelele kulo futhi enze umathanda ngale ndlela enze ngayo. Kodwa uMotsoenen­g udelele izwe edeleliswa abaholi be-ANC abebemvike­la ngoba ubazi ukuthi ngeke athintwe muntu. Ubefohla endleleni enza ngayo izinto njengendle­la athatha ngayo isinqumo sokuthi wonke umculo ozodlalwa eziteshini zokusakaza zase-SABC sekuzoba ngu-90% womculo wakuleli, isinqumo asenza ngaphandle kokubonisa­na namuntu nanokubhek­a ukuthi yimuphi umthelela esizoba nawo.

Abebemvike­la bebengenen­daba nokuthi lokhu abekwenza bekuhlehli­sela izwe emuva futhi kubeka imisebenzi yabasebenz­i base-SABC engcupheni.

Kodwa-ke siyabonga ukuthi ekugcineni, bakhona asebebenes­ibindi sokuqeda lo mbhedo obuyisa i-SABC eweni.

Nokho, mkhulu umsebenzi okusamele wenziwe ukukhuculu­la insila eshiywe nguMotsoen­eng futhi akuyena yedwa okumele aphelelwe ngumsebenz­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa