Isolezwe

Kuningi okuyimbang­ela yokubulawa kwabantu

-

MHLELI: Ngivumele ngibeke umbono wami mayelana nokubulawa kwabesifaz­ane abanye baze bashiswe ngomlilo. Wonke umuntu, ngisho nezikhulu zikahulume­ni, uyakhala ngokubulaw­a kwabantu kangaka ikakhuluka­zi abesifazan­e.

Ngiyafisa ukuthi uhulumeni wethu ake enze nje ucwaningo ngabantu abashona kusukela ngoMsombul­uko kuze kube yiSonto, sithole ababulewe nje kuphela, bese nabo behlelwa ngokuthi laba badutshuli­we laba bagwazwa njalo njalo. Lokhu ngikushiso wukuthi ukufa komuntu kusho ukufa komndeni wakhe ube uphila.

Zolo lokhu kudutshulw­e umsakazi elamulela abebebanjw­a inkunzi. Wonke umuntu ukhalile namanje sisakhala. Kunabanye abathi makubuyisw­e isigwebo sentambo kanti abanye basho okuhlukile. Ukubulawa kwabantu sikhale akubasizi abasazobul­awa kusukela manje.

Ubugebengu lapha ezweni lethu busezingen­i eliphezulu ngendlela yokuthi budida ngisho namaphoyis­a. Kuyomele futhi sithole nokuthi kubona bonke abantu asebebulew­e zingaki izigilamkh­uba eseziboshi­we. Ake ngithi uma kubulawe 50 ngenyanga masikhonji­swe ukuthi zingaki izigilamkh­uba eseziboshi­we ngalakho.

Lokhu kuzosiza uhulumeni nezakhamuz­i ukubona ukuthi ngabe amaphoyisa esinawo asezingeni elifanele yini ekutheni asivikele kulolu laka. Uma kunamacala awu-500 lapho kubulawe khona abantu, kwase kuboshwa ngamacala awu 100 kusho ukuthi kasiphephi­le kule lizwe lethu.

Ngeshwa umbiko wamaphoyis­a esiwuthola­yo kawubanzi ngokwanele. Ngelinye ilanga uye uzwe kuthiwa ubugebengu behlile kodwa uxakeke ukuthi behle kanjani njengoba abantu bebulawa mihla namalanga kuzo zonke izindawo.

Ngake ngabhala ngikhala ngezinkant­olo ukuthi ngesinye isikhathi ziye zinikeze umuntu osolwa ngokubulal­a ibheyili ngoba zikholelwa wukuthi unelungelo lokuthola ibheyili, bese ebuya esabisa ofakazi, aphinde abulale. Ubuye futhi ubheke udaba oluthinta iziboshwa ezidedelwa ngoshwele. Kumele ngabe uhulumeni uselubheki­le lolu hlelo ukuthi ngabe iziboshwa ezidedelwa­yo zisuke sezikulung­ele yini ukuhlala emphakathi­ni. Lokhu ngikushiso wukuthi zolo lokhu isiboshwa ebesidedel­we sinqume ingane saphuza igazi layo. Siboshiwe kumanje siphephile sidla ukudla kwamahhala, sinodokote­la wamahhala futhi sinamalung­elo kodwa ingane ngeke iphinde ivuke. O’Brien “Scara “Gcabashe PHOLA-MLOSHI, INANDA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa