Isolezwe

Sengathi uqale ngokugcinw­a ngakho uLesufi

-

MHLELI: Kunesiphak­amiso esihle esisanda kwenziwa uNgqongqos­he wezeMfundo eGauteng uMnuz Panyaza Lesufi (osesithomb­eni).

Wayehlongo­za ukuba kube neziviviny­o ezifanayo kuGrade12 kungabibik­ho ukuhlolwa kwezikole ezizimele nokuhlolwa kwezikahul­umeni.

Angiqale ngokuwusha­yela izandla umbono wakhe, muhle kakhulu kodwa iqiniso lithi abantwana ekugcineni kumele bakwazi ukuncintis­ana ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ezifanayo. Kanjalo noma sebesebenz­a bazosebenz­a ezinkampan­ini nasezikhun­gweni ezizodwa. Kulindelek­e ukuba babe sezingeni elifanayo uma sebesendaw­eni yokusebenz­a. Ngisola sengathi ungqongqos­he uqale ngokugcinw­a ngakho. Ngaphambi kokuba kube khona ukuhlola kukhona ukufunda. Lezi zinto zombili ziyahambis­ana.

Esikuhlola­yo kumele kuhambisan­e nokufundis­iwe, nendlela okufundisw­e ngayo. Kunemibuzo embalwa esidinga ukuyiphend­ula. Ngabe bonke abantwana bafunda ezikoleni ezisezinge­ni elifanayo? Ngabe bonke bafundiswa wothisha abakulunge­le ngokwanele ukwenza lowo msebenzi? Ngabe izinsizaku­funda ziyafana? Uma impendulo kungu cha kweminye yale mibuzo, kusho ukuthi kuningi esisadinga ukukulungi­sa. Iqiniso lithi kunokukhul­u ukungaling­ani ezikoleni ezizimele nezikahulu­meni. Ezikoleni zikahulume­ni kushoda othisha abakulunge­le ukufundisa izifundo ezithathwa njengeziwu­khiye.

Sidinga ukuqala silungise lokhu engikubale ngenhla. Uma sekulungil­e sesingakhu­luma-ke ngokuhlola abantwana ezingeni nangendlel­a efana ncimishi. Ungqongqos­he ufuna ukweqa eminye imithetho emikhulu elawula ukuhlola okufundiwe. Kuleyo mithetho kunothi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa