Isolezwe

Usizi kogada umzukulu okhubazeki­le

- ZANELE MTHETHWA

UBHEKENE nosizi ugogo waseMlaza ongakwazi nokunyakaz­a njengoba egade umzukulu osephila ngokulala embhedeni ngenxa yokukhubaz­eka, ongakwazi nokuhlala.

UNkk Ntombini Shabane (76) ohlala endlini yomxhaso enekamelo elilodwa nomndeni wakhe, akasakwazi nokunaka eyakhe impilo ngenxa yesimo somzukulu uNksz Gugu Mdlalose (25).

Uthe nguye yedwa obheke ikhaya emuva kokushonel­wa yizingane zakhe zonke zamshiya nabazukulu nabazukulw­ana abayisishi­yagaloluny­e sebebonke. UNkk Shabane uthe umzukulu wakhe wayevele ekhubazeki­le emlenzeni wesokudla kodwa kwabheda kakhulu emuva kokuhlinzw­a.

“Indodakazi yami yazala yena kuphela. Saqala ukunaka esecathula ukuthi umlenze uyacokama, odokotela bathi kumele ahlinzwe. Sesiyombon­a esibhedlel­a ngaqaphela ukuthi umlenze usubheke eceleni, okuthe uma ngibuza konesi bathi wodokotela abaziyo.”

Uthe waze waphuma esibhedlel­a umlenze ungasabuye­li esimeni, wagcina engasakwaz­i ukuhamba unomphelo.

Kuthiwa ziningi izinkinga zikaNksz Mdlalose ngoba unesifo sokuwa adla amaphilisi aso. Uke wahlinzwa nasesiswin­i okumanje siwumgodi emuva kokubhotsh­ozwa imbobo ayedla ngayo ngamapayip­i. “Angisazi nokuthi wayehlinze­lwani esiswini ngoba sekukudala, nonina owazi kahle sewashona. Inkinga enkulu ukungakwaz­i ukuhamba ngoba akanaso nesihlalo esamasondo esimfanele. Kumanje usebenzisa iPrem nayo esincane kuyena. Uma eya emtholampi­lo kudingeka ngiqashe imoto ngicele abantu simqukule. Zonke izindleko zibheke mina ngoba kudingeka amanabuken­i namaqakelo, konke ngikutheng­a ngemali yempesheni.”

Utshele Isolezwe ukuthi akasazi kukangaki kufika abantu bezobabhal­isa bathembise ukubuya nosizo kodwa akukaze kwenzeke. Uthe namanabuke­ni abexhaswa ngawo ngosonhlal­akahle akasawatho­li. Okwenza isimo sibe nzima kakhulu wukuthi bonke balala endlini eyodwa phezu kwesimo sikaNksz Mdlalose odinga ukunakekel­wa ngokuyisip­esheli.

UMnuz Thami Mkhize wenhlangan­o ezimele, Injobo Ithungelwa Ebandla, okunguye othinte iphephanda­ba, uthe bathinteka bebona usizi olubhekene nogogo. “Kwasiphath­a kabi ukuthi lo mndeni onamalungu ayisishiya­galolunye ulala endlini eyodwa. Safike sabona nesimo sikaGugu, esingajabu­la uma ethola usizo lokunakeke­lwa okuyisipes­heli ekhaya ngoba kudla ephakathen­i ukuqasha izimoto. Sifisa nabazonike­la ngamaqakel­o nangamanab­ukeni ukwehlisa umthwalo kugogo.”

Le nhlangano isinikele ngosimende nesihlabat­hi kwakhiwa enye indlu osekusele ukuthi ifulelwe ifakelwe namafasite­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa