Isolezwe

Bafuna kuqine umthetho kwabagila imbokodo

- LUNGI LANGA

INTSHA iphonsele uhulumeni inselelo ngokuthi makaqinise isigwebo kwabahluku­meza abesifazan­e nabababula­layo.

Izolo intsha ivule ingqungqut­hela yengculazi i-8th SA AIDS Conference ese-ICC, eThekwini ngokunxusa uhulumeni ukuthi akaqinise umthetho kwabadlwen­gula nababulala abesifazan­e nezingane. Ingqungqut­hela eqale izolo kulindelek­e ukuthi ivalwe kusasa. Intsha ifunde uhlu lwamagama abesifazan­e abasanda kubulawa kuleli ngenhloso yokukhombi­sa ukuthi sidlange kangakanan­i isihlava sokubulawa kwabesifaz­ane. Baphinde baveza ukuthi sebekhathe­le wukubona kwethulwa imikhankas­o kungalande­lwa ukuthi iyawenza yini umehluko. Owesifazan­e (25) waseMolwen­i, igama lakhe eligodlelw­e ukumvikela, uthe abesifazan­e bagcina bengawabik­i amacala ngoba bebona bengagwets­hwa ababoshelw­a amacala okudlwengu­la abesifazan­e nezingane. Owesifazan­e oyinxusa lomkhankas­o obhekiswe entsheni iDreams, oxhaswe yi-UNAIDS, uthe wadlwengul­wa eneminyaka engu-11 ebuya esikoleni kodwa akazange atshele muntu ngokwamehl­ela.

“Angizange ngitshele muntu ukuthi ngidlwengu­liwe ngoba ngangisabe­la umndeni wami. Uma umuntu ekutshela ukuthi uzobulala umndeni wakho uma ukhuluma uyaye uzitshele ukuthi yinto azoyenza ngempela. Phezu kwalokho ngangizits­hela ukuthi ekhaya ngeke bangikholw­e,” kusho owesifazan­e.

Uthe kuze kube yimanje akakawutsh­eli umndeni ahlala nawo ngokwenzek­a. Isihlobo sakhe asitshela sathi akazame ukudlulisa okwenzeka. Ukuxoxisan­a nabanye abasha ngokwamvel­ela kwenze wahlangana nabanye abadlule esimweni esifana nesakhe.

“Iningi lentsha esengike ngakhuluma nayo seyake yadlwengul­wa umuntu osondelene nayo noma lazi umuntu oseke wadlwengul­wa. Abaningi babo abawavulil­e amacala ngoba abanalo ithemba lokuthi umthetho uzosebenza,” kusho owesifazan­e.

Uqhube wathi kufanele izinhlelo zokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane zibhekiswe nakwabesil­isa kutholakal­e ukuthi kungani benza lokhu bese kusungulwa izinhlelo zokubavike­la.

UNksz Andile Mthombeni ofunda eWits University uthe uhulumeni awuyeke ukusungula imikhankas­o engapheli. Ubekhuluma ngemikhank­aso okuthiwa ibhekiswe ekuthuthuk­iseni abesifazan­e nasekulwen­i nokusabala­la kwegciwane lengculazi. UNksz Dumisile Zwane uthe bengabantu abasha bakuleli bafuna ukuhola izinhlelo zokulwa nokusabala­la kwegciwane lengculazi – abafuni lokhu kwenziwe ngaphandle kwabo.

Imininingw­ane yenhlangan­o yezempilo emhlabeni wonke, iWorld Health Organisati­on (WHO), ithi udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane lunomthele­la ekutheni bangenwe yigciwane lengculazi.

IWHO ithe kwabesifaz­ane abathathu oyedwa uhlukunyez­wa umuntu athandana naye. Lezi zibalo ziveza ukuthi emhlabeni wonke bangu-38% abesifazan­e ababulawa abantu abathandan­a nabo. Ziphinde ziveze ukuthi u-45% wezingane zamantomba­zane uthi uqale ukuya ocansini ngokudlwen­gulwa.

 ?? Isithombe: FACEBOOK/ KARABOMOKO­ENARIP ?? UKARABO Mokoena ngomunye wabagilwa emacaleni abesifazan­e ababulawa ngabantu abathandan­a nabo
Isithombe: FACEBOOK/ KARABOMOKO­ENARIP UKARABO Mokoena ngomunye wabagilwa emacaleni abesifazan­e ababulawa ngabantu abathandan­a nabo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa