Akhale ngaphansi amaBaby Boks kwi-England
bebenza amaphutha okungajwayelekile ukuthi abonakale uma besenkundleni. Ngokuhamba kwesikhathi bavukile abafana baseNingizimu Afrika kwabonakala ubuhlakani bukaCurwin Bosch asenabo kusuka edlala ngokugcwele kwiVodacom Super Rugby.
Nakulokhu amaBaby Boks abethembele kuJuarno Augustus ophinde washaya ama-try amabili njengoba enzile nasemidlalweni edlule. Kubukeke sengathi umdlalo uya nhlangothi zombili kodwa kungalindele muntu u-Alex Mitchell wabeka phambili amaNgisi okuyiwona avikela isicoco. Kubaphindile futhi abafana bakaRoux ukungaziphathi kahle kodwa basinda emakhadini. Lokhu bekwenza i-England idlalele engxenyeni enkulu yamaBaby Boks isikhathi esiningi. AmaBaby Boks (ompetha bango-2012) abebukeka esenkingeni njalo uma kuhlasela i-England. Nokho u-Augustus ugcine ezisondezile ezakhe ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala kodwa uBosch uhlulekile ukushaya i-conversion.
Nakwesesibili isiwombe i-England ibuye ngendlela eqale ngayo ihlasela ngamandla kubhoke uGabriel Ibitoye. Inkinga ibibukeka ikuma-lineout kubafana bakaRoux ngoba kwiscrum bebezidlela amahlanga. Uma sekuziwa ngasebholeni esandleni bekuthomba okhiye kwabaseNingizimu Afrika.
Ize yagcina itholakele ngaphansi kwepali i-try ebizobeka elakuleli phambili okokuqala ngqa uma sekuhlangene ne-conversion kaBosch. Le try emqoka ishaywe uYaw Penxe. Nangemuva kwayo amaBaby Boks awazange akuthole ukuphumula kwaze kwaba umzuzu ka-72 lapho uBosch eshaye khona phakathi iphenathi ebeke elakuleli phambili ngo-22-17. AmaBaby Boks aphinde avumela ukaputeni we-England wayibeka emgqeni kuseza i-conversion nayo ekhale phakathi. Kugcine kuphele kanjalo.