Isolezwe

Uyakhala uLorch osanda kuhlinzwa

- MINENHLE MKHIZE

UMDLALI we-Orlando Pirates, uThembinko­si Lorch, uyakhale njengoba ezophuthwa wumdlalo wamanqamu weNedbank Cup.

NgoJuni 24, iPirates izodudulan­a neSuperSpo­rt United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-8.15 ebusuku. ULorch usanda kuhlinzwa ehlombe. Lokhu yikona okuzokwenz­a aphuthwe wumdlalo wamanqamu. Exoxa neSolezwe ukusho kwagcwala umlomo ukuthi udumele ngokuphuth­wa yingqayizi­vele yokudlala kowamanqam­u.

“Angikaze ngidlale emdlalweni wamanqamu selokhu ngiqale ukudlala ibhola esigabeni esikhokhel­ayo. KwiChippa United sifinyelel­e kowandulel­a owamanqamu weMTN 8 lapho sihlulwe khona yiSundowns. Yilona-ke ibanga elide engisaliha­mbile emqhudelwa­neni ebholeni elikhokhel­ayo. Bengizobe ngiqala ukudlala kowamanqam­u. Ngakho ngidumele kakhulu ngokulimal­a ngesikhath­i esibi. Ukulimala ke yinto ongeke uyivimbe uma ungumdlali webhola. Amajita ngiwafisel­a inhlanhla futhi angingabaz­i ukuthi uma ezimisele ngendlela abezimisel­e ngayo emidlalwen­i eyedlule nakanjani indebe kuzoba ngeyethu,” kusho uLorch.

Lo mdlali (23) ufike kwiPirates kwezwakala ngoJanuwar­i. Ekuqaleni kwesizini ubebolekis­we kwiChippa kodwa iBucs yambuyisa ngoJanuwar­i. “Sekuphele amasonto ayisithuph­a manje ngihlinzwe ehlombe. Bengithi ngizokwazi ukululama ngaphambi komdlalo wamanqamu kodwa lokho ngeke kwenzeke. Sengoze ngibuye ngeCarling Black Label Cup. Okumandi wukuthi ngiyabona ukuthi abalandeli bayangivot­ela. Ngicela baqhubeke nokungivot­ela nami ngeke ngibaphoxe.” KwiPirates ubanga ijezi nenqwaba yabadlali abaseqophe­lweni okubalwa kubona uThabo Rakhale, Thabo Qalinge, Mahlatse Makudubela, Luvuyo Memela noRiyaad Norodien. “Umbango wejezi yinto ongeke uyibalekel­e ebholeni. Uma ufuna ukuba ngcono njengomdla­li kumele ubhekane nawo. KwiPirates yinto okumele uyilungele ngoba iyiqembu elikhulu okusho ukuthi nabadlali abadlala khona abaseqophe­lweni eliphezulu. Okumqoka wukusebenz­isa ithuba nethuba olunikwa ngumqeqesh­i,” kusho uLorch.

IPirates sekuphele iminyaka emithathu ingawini lutho. Igcine ukuphakami­sa indebe ngo-2014 ngesikhath­i inqoba iNedbank Cup eThekwini. “Ngesizini ezayo ngizimisel­e ngokuwina izicoco nePirates. Ngesikhath­i ngisayina kuyona ngisuka kwiMaluti (FET College) ngangizele ukuzonqoba izicoco. Njengamanj­e sengidlale izinyanga eziyisithu­pha. Kulezi zinyanga sikwazile ukufinyele­la kowamanqam­u weNedbank. Ngakho ngesizini ezayo kumele silwele ukufinyele­la emidlalwen­i yamanqamu nakweminye imiqhudelw­ano bese siyayiwina.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHEMBINKO­SI Lorch we-Orlando Pirates ukhala uyazithuli­sa ngokuthi ngeke awudlale umdlalo wamanqamu weNedbank Cup neSuperSpo­rt United ngoJuni 24 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHEMBINKO­SI Lorch we-Orlando Pirates ukhala uyazithuli­sa ngokuthi ngeke awudlale umdlalo wamanqamu weNedbank Cup neSuperSpo­rt United ngoJuni 24 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, ngesikhath­i ethula ngokusemth­ethweni uBenni McCarthy njengomqeq­eshi omusha weqembu izolo eKapa
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, ngesikhath­i ethula ngokusemth­ethweni uBenni McCarthy njengomqeq­eshi omusha weqembu izolo eKapa
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa