Isolezwe

Ujabule usihlalo weCity ngokuqoka uMcCarthy

- LUNGILE MAJOKA

AKAZISOLI nakancane usihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, ngokugixab­eza uBenni McCarthy ngesikhund­la sokupheka iqembu njengoba egcine emenyezelw­e ngokusemth­ethweni izolo ekuseni.

UMcCarthy unikezwe inkontilek­a yeminyaka emithathu epheka iCity. Uthathe izintambo ngemuva kokushiya kuka-Eric Tinkler osekwiSupe­rSport United.

“Akukho nokuncane ukungabaza ngesinqumo engisithat­hile. Ngiqale ukuxoxisan­a naye uBenni ngoLwesihl­anu. Ngithe uma ngimfaka imibuzo, izimpendul­o abenginike­za zona zingihlabe umxhwele ngabona ukuthi nguyena ofanelwe yilo msebenzi kwazise ubeqhamuka namasu amasha okuyisa iqembu phambili,” kusho uComitis.

“Ngaphandle kokuqhubek­a nokuthi iqembu lenze kahle enkundleni, sobabili sinephupho elifanayo lokwakha inqanawe yeqembu lapha eKapa, siphinde sibuyisele emphakathi­ni.”

UMcCarthy, odabuka eHanover Park, eKapa, akaqali ukusebenza noComitis, phela yingaphans­i kwakhe lapho athola khona ukudlala ibhola esigabeni esiphezulu.

Le ngwazi, ebinethale­nte eliyisiman­ga lokuqhulul­a amagoli, ihambe yaze yafika phesheya kwezilwand­le lapho ithole indondo ye-Uefa Champions League ne-FC Porto, ePortugal. Ibuyele ekhaya yafika yawola izicoco ne-Orlando Pirates ngaphambi kokuwagaxa emgibeni amakhokho ng-2013.

Kusukela lapho uMcCarthy uphumele obala ngokuthi uzoya kofundela ukuqeqesha njengoba ngoJanuwar­i ezitholile izicucu ze-Uefa A Licence. Ufike kuleli qembu laseKapa livele seliqalile ukusayinis­a abadlali.

ICity imemezele u-Ayanda Patosi noJeitoso waseMozamb­ique njengabadl­ali abasha.

“Sikhulumil­e naye (uBenni) ngabadlali esesibasay­inisile, uchazeke kakhulu ngoba ukholwa wukuthi bazoza nesipiliyo­ni esidingwa yiqembu. Kumanje sesibheka abanye ababili esizobamem­ezela maduze,” kusho uComitis. UMcCarthy uhambile izolo ebusuku, wabuyela eScotland lapho enomuzi khona kwazise ushade nentokazi yakhona. Kuthiwe uzobuyela kuleli esezoqala umsebenzi ngoJuni 26.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa