Isolezwe

Kukhale izembe kubadlali beChiefs

- MINENHLE MKHIZE

IDEDELE izembe iKaizer Chiefs ixosha abadlali abayisikho­mbisa abangekho ezinhlelwe­ni zomqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela.

Izolo Amakhosi akhiphe isitatimen­de ememezela ukuthi asehlukene noSiyanda “Magazi” Xulu, Camaldine Abraw, Lucky Baloyi, Lewis Macha, Siphelele Mthembu, inkontilek­a yakhe engazange ivuselelwe, u-Enocent Mkhabela, osezoba ngowePlati­num Stars abebolekis­we kuyona, noMitchell Katsvairo, ozobolekis­wa isizini yonke.

UBobby Motaung oyimenenja yaMakhosi udalule ukuthi badedele laba badlali ngoba bebewukudl­a kwebhentsh­i.

“Bebenezink­ontileka neqembu kodwa ngenxa yokuthi abazange balithole ithuba elanele lokudlala sibone ukuthi kungakuhle bathole amakhaya amasha kwezinye izindawo. Sikhethe ukwenza izinguquko esikwatini sethu kusenesikh­athi ukuze sikwazi ukuzilungi­selela kahle uma sekuqala isizini entsha. Abalandeli bethu siyabakwel­eta ngemuva kokungenzi kahle kumasizini amabili adlule,” kusho uMotaung.

IChiefs iphinde yaveza ukuthi isiqashe uPatrick Mabedi ozovala isikhala esishiywe uJohn Paintsil.

UPaintsil, odabuka eGhana, nguyena obelekelel­a uSteve “Mphathi” Komphela opheka Amakhosi. Inkontilek­a yakhe inqanyuliw­e kwazise bekumele iphele ngo-2018.

UMabedi ugixabezwe ngenkontil­eka yeminyaka emibili eNaturena. Le ngwazi yazakhela igama ePhefeni ngesikhath­i Amakhosi edla izicoco ezimbili zePremiers­hip ngo-2003/2004 nango-2004/2005.

Ngesizini edlule ubeqeqesha iCape Town All Stars egijima kwiNationa­l First Division (NFD). Phambilini uke waba yibamba labaqeqesh­i kwiMoroka Swallows isagijima kwi-Absa Premiershi­p. UMabedi, owayenguka­puteni weChiefs, uke wasebenza naseqenjin­i lesizwe laseMalawi njengephin­i lomqeqeshi.

Izindaba zokuqashwa kukaMabedi ziqiniseki­swe nguVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs esitatimen­deni asithumele kwabezinda­ba izolo ntambama.

UMabedi ucashunwe kulesi sitatimend­e ejabule ngokubuyel­a kwiChiefs okuyiqembu agqama kakhulu kulona ngesikhath­i esadlala ibhola.

“Ngiyajabul­a ngokubuyel­a ekhaya. Sengibheke ukufaka isandla empumelelw­eni yesikhungo esikhulu. Kuyinto enkulu. Ngifisa ukubonga izikhulu zeqembu ngaleli thuba,” kusho uMabedi kulesi sitatimend­e.

UKomphela usesebenze namaphini amabili selokhu efike kwiChiefs kodwa kubukeka sengathi konke lokho akuthelang­a izithelo ezinhle. Ngesizini yakhe yokuqala kwiChiefs ubesebenza noDoctor Khumalo. Ekupheleni kwesizini uKhumalo ugudluziwe kulesi sikhundla ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi ababoni ngaso linye.

Ekuqaleni kwesizini uKomphela ulande uPaintsil asebenze nayo njengomdla­li kwiMaritzb­urg United. UPaintsil ubeqala ukusebenza njengomqeq­eshi kwiChiefs okuyinto ebeyenza bashaye amakhala abanye ngamagalel­o akhe.

Ngaphambi kokuthi alande uPaintsil uke wazama uMandla Ncikazi kwiLamontv­ille Golden Arrows kodwa lo mqeqeshi wagcina ekhethe ukuhlala kuBafana Bes’thende.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPATRCIK Mabedi uyena osezoba yiphini likaSteve Komphela kwiKaizer Chiefs kusukela ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPATRCIK Mabedi uyena osezoba yiphini likaSteve Komphela kwiKaizer Chiefs kusukela ngesizini ezayo
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa