Kubhekwe ajahe amarekhodi eSweden
NGEMUVA kokuphuma phambili emidlalweni ebiseHengelo, eNetherlands, ngeSonto, kubhekwe ukuthi uLuvo Manyonga aqhubeke nokujaha amarekhodi kwi-long jump uma eseyibambe kwi-IAAF Diamond League ngempelasonto.
Umlenze olandelayo weDiamond League lapho kusuke kuhlangene abadlali abasezingeni eliphezulu eminxeni ehlukene kwiathletics, ungeSonto eStockholm, eSweden.
Ngempelasonto edlule uManyonga uzihamele yedwa ezimbangini egxuma u-8.62m.
Ngesikhathi egcina ukuyibamba kwiDiamond League ekuqaleni kukaMeyi, uqophe irekhodi elisha lemidlalo yaseShanghai egxuma ibanga elingu8.61m.
UManyonga, odabuka eMbekweni, eWestern Province, onesiliva abuye nalo kumaOlympic eBrazil nyakenye, ngomunye wababhekwe ukuthi batholele iNingizimu Afrika izindondo kwi-IAAF World Championship eLondon ngoAgasti.
EShanghai ubebhekene nabadlali abaphambili, okubalwa kubo umpetha wama-Olympic, uJeff Henderson, wase-USA noFabrice Lapierre wase-Australia ongumpetha wanyakenye weDiamond League.
Umqeqeshi kaManyonga, uNeil Cornelius, ucashunwe kwiSuperSport ethi ukholwa wukuthi usengagxuma ibanga elingcono. UManyonga uphethe irekhodi lakuleli elingu-8.65m.
“Angingabazi ukuthi uLuvo angagxuma ibanga elide. Kuncike ekutheni izimbangi zakhe zona zizimisele ngokuhamba zifike kuphi. Uma zenza kangcono naye uzolinyusa izinga,” kusho uCornelius.
UManyonga oke wamiswa ekuncintisaneni ngenxa yokusebenzisa izikhuthazi, selokhu ebuye ngegiya eliphezulu emiqhudelwaneni akakufihli ukuthi isifiso sakhe wukwephula irekhodi lomhlaba kwi-long jump, elingu8.95m elabekwa nguMichael Powell wase-USA ngo1991. Omunye wakuleli ozobe ebhekiwe eSweden uCaster Semenya.
USemenya naye ufike wenza ezibukwayo eShanghai. Uzobe ebhekene nezimbangi zakhe ezinkulu uMagaret Wambui waseKenya noFrancine Niyonsaba waseBurundi abangena belandena ngemuva kwakhe ngesikhathi enqoba igolide eBrazil nyakenye.