Isolezwe

Akhale ngaphansi amaBaby Boks kwi-England

- MTHOKOZISI MNCUSENI

bebenza amaphutha okungajway­elekile ukuthi abonakale uma besenkundl­eni. Ngokuhamba kwesikhath­i bavukile abafana baseNingiz­imu Afrika kwabonakal­a ubuhlakani bukaCurwin Bosch asenabo kusuka edlala ngokugcwel­e kwiVodacom Super Rugby.

Nakulokhu amaBaby Boks abethembel­e kuJuarno Augustus ophinde washaya ama-try amabili njengoba enzile nasemidlal­weni edlule. Kubukeke sengathi umdlalo uya nhlangothi zombili kodwa kungalinde­le muntu u-Alex Mitchell wabeka phambili amaNgisi okuyiwona avikela isicoco. Kubaphindi­le futhi abafana bakaRoux ukungaziph­athi kahle kodwa basinda emakhadini. Lokhu bekwenza i-England idlalele engxenyeni enkulu yamaBaby Boks isikhathi esiningi. AmaBaby Boks (ompetha bango-2012) abebukeka esenkingen­i njalo uma kuhlasela i-England. Nokho u-Augustus ugcine ezisondezi­le ezakhe ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala kodwa uBosch uhlulekile ukushaya i-conversion.

Nakwesesib­ili isiwombe i-England ibuye ngendlela eqale ngayo ihlasela ngamandla kubhoke uGabriel Ibitoye. Inkinga ibibukeka ikuma-lineout kubafana bakaRoux ngoba kwiscrum bebezidlel­a amahlanga. Uma sekuziwa ngasebhole­ni esandleni bekuthomba okhiye kwabaseNin­gizimu Afrika.

Ize yagcina itholakele ngaphansi kwepali i-try ebizobeka elakuleli phambili okokuqala ngqa uma sekuhlange­ne ne-conversion kaBosch. Le try emqoka ishaywe uYaw Penxe. Nangemuva kwayo amaBaby Boks awazange akuthole ukuphumula kwaze kwaba umzuzu ka-72 lapho uBosch eshaye khona phakathi iphenathi ebeke elakuleli phambili ngo-22-17. AmaBaby Boks aphinde avumela ukaputeni we-England wayibeka emgqeni kuseza i-conversion nayo ekhale phakathi. Kugcine kuphele kanjalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa