Isolezwe

Uphelezelw­e yingoma ethulwa kwiCT City

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGENE ephelezelw­a yingoma eyashisa izikhotha ayenza neqembu le-kwaito, iTKZee ngo-1998, uBenni McCarthy, ngesikhath­i ethulwa phambi kwabezinda­ba njengomqeq­eshi weCape Town City izolo ekuseni eKapa.

Izintathel­i bezicuthe ngamakhame­ra, kuwubuxhaf­axhafa uMcCarthy ephelezelw­a yingoma, Ishibobo, ebisho phezulu, ezinye izinhlavu zayo ezithi, “Benni is in the 18 Area”.

UMcCarthy (39) uthe yize efundile kubona bonke abaqeqeshi adlale ngaphansi kwabo kodwa ufuna ukuzicabel­a eyakhe indlela. Ubalule uJose Mourinho anqoba naye isicoco se-Uefa Champions League njengemfiv­ilithi yakhe.

Le ngwazi ifuna ukubukela kuMourinho ngokuba umqeqeshi onqoba izicoco.

“UJose Mourinho kwiFC Porto nguyena ohamba phambili engisebenz­e naye. Ubecophele­la kukhona konke akwenzayo, ungumnqobi wokuzalwa, indoda yezicoco. Wayengumqe­qeshi othandwa ngabadlali ofuna ukuzwana esikwatini.

“Nami kukhona engikuntsh­ontshile kubaqeqesh­i engisebenz­e nabo. Kodwa ngifuna ukuba yimina. Ngizoseben­zisa engikufund­ile ngenze eyami indlela yokuqeqesh­a,” kusho uMcCarthy.

Uthembisil­e ukuthi ngeke enze izinguquko ezitheni eqenjini.

ICity ezoqeda unyaka yasungulwa ngemuva kokuthengw­a kweMpumala­nga Black Aces nyakenye, inqobe isicoco seTelkom Knockout ngesizini edlule yaqeda endaweni yesithathu ku-log.

Uthe okubalukil­e wukuthi abadlali baziphathe kahle futhi kube nobumbano eqenjini.

UMcCarthy uqale ibhola eneminya engu-17 kwiSeven Stars ngaphambi kokudlulel­a kwi-Ajax Cape Town. Usuke lapho waya phesheya okumhlomul­ise ngesicoco seChampion­s League. Ubuyele ekhaya wafika waqhulula amagoli kwi-Orlando Pirates iwina izicoco, uthatha umhlalapha­nsi ngo-2013.

Umdlalo kaBenni wokuqala lapho kuzocaca khona ukuthi yini eza nayo kwiCity, uzobhekana nePolokwan­e City kwiMTN 8 ekuqaleni kwesizini. Imidlalo yeMTN 8 ivamise ukudlalwa ngaphambi kokuqala kwesizini ye-Absa Premiershi­p.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa