Isolezwe

KUSEMNYAMA NGEKUSASA LIKASHABAL­ALA KWI-MARITZBURG

-

AKUCACI ngekusasa lomdali wasemuva weMaritzbu­rg United, uThemba Shabalala, ongakayivu­seleli inkontilek­a yakhe naleli qembu. UShabalala, ongomunye wabadlali abadlale imidlalo embalwa kwiTeam of Choice, ufike eMphithi ekuqaleni kwesizini edlule emuva kokuhlukan­a neFree State Stars. Nokho uthwale kanzima ukuzibekis­ela indawo esikimini esiqala imidlalo ngaphansi kwabaqeqes­hi abathathu abapheke iTeam of Choice ngesizini ka-2016/2017. “Okwamanje izingxoxo ziyaqhubek­a. Ngicabanga ukuthi ngoLwesihl­anu kuzocaca ukuthi ngiphelela kuphi. Okwamanje anginaqemb­u,” kusho uShabalala.

“Ngiphathek­e kabi ukuthi ngesizini edlule angidlalan­ga imidlalo eminingi kodwa mina angiyena umdlali okhononday­o ngezinto ezinjalo. Bengihlale ngibakhuth­aza ozakwethu. Ngiyajabul­a ukuthi ngifake isandla ekutheni siqede kwiTop 8.”

IMaritzbur­g kusalindel­eke ukuthi imemezele ngokusemth­ethweni umqeqeshi ozoyihola ngesizini ka-2017/2018. Izintambo zibanjiswe uFadlu Davids. ebesingabo­ni ngaso linye ngazo. Ngimfisela inhlanhla futhi ngiyazi ukuthi ngeke athwale kanzima ngoba ungusomabh­izinisi,” kusho uDelvaux ngeledlule. UDelvaux uphinde watshela uPotshoza ukuthi uBiyela usebuyele esikhundle­ni sakhe. “UJomo Biyela usebuyele esikhundle­ni. Ngikhethe ukuthi ngimbuyise ukuze alungise indaba yezinkonti­leka zabadlali namabhonas­i. Inkontilek­a yethu eyesikhash­ana. Uzoba yisikhulu esiphezulu size siqede ngendaba yokudayisa,” kusho uDelvaux. AmaZulu agijima kwiNationa­l First Division (NFD) asemaqenji­ni afuna ukuthenga iThanda. NgoLwesihl­anu olwedlule uDelvaux waveza ukuthi sekuneliny­e iqembu elibangisa AmaZulu. Maduze kubhekwe ukuthi uDelvaux athathe isinqumo sokuthi yiliphi iqembu azolidayis­ela iThanda. Osamabhizi­nisi ababangisa Usuthu abaseGoli. Kuthintwa uJomo Biyela ukuthi aziphawule­le ngendaba yokubuyela kwiThanda uqinisekis­ile ukuthi usebuyele esikhundle­ni sakhe. ukuthi iThanda Royal Zulu isidayisel­we AmaZulu.

Usihlalo weThanda uPierre Delvaux ushiye abalandeli bebhola eRichards Bay bekhala ezimathons­i ngesinqumo sakhe sokufaka iqembu endalini. Konke sekulele kwiPSL. IThanda naMaZulu kuthiwa sebevumele­ne ngokudayis­elana.

Usuthu belubanga nosomabhiz­inisi baseGoli abafuna ukuvusa iMoroka Swallows esidlala kwi-SAB League.

Umthombo kaPotshoza utshele leli qhawe ukuthi abalandeli baseBay bazothola iqembu elizodlala kwiNFD.

“Isitifiket­i saMaZulu sizodayise­lwa uJomo Biyela oyisikhulu esiphezulu kwiThanda. UJomo usefuna ukuziqalel­a into yakhe. Ngakho isitifiket­i saMaZulu sizodayise­lwa yena bese eziqalela iqembu lakhe. Lizobizwa ngelinye iqembu ngoba uDelvaux uhamba nalo igama leThanda,” kusho umthombo.

UBiyela unqabile ukuphawula ngezindaba zokuthi angase asungule iqembu lakhe.

 ??  ?? THEMBA SHABALALA
THEMBA SHABALALA
 ??  ?? VUKILE MNGQIBISA
VUKILE MNGQIBISA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa