Isolezwe

Uvo lukaDJ Tira kolwemiklo­melo

- ZAKHELE XABA noMINENHLE MKHIZE

UDJ Tira ongumphath­i we-Afrotainme­nt uluma uyaphephet­ha ngodaba olusemathe­ni “lokuthengw­a” kwemiklome­lo eNingizimu Afrika.

Kusuke umsindo muva nje uBabes Wodumo ebuya eshwiba izandla kumaSouth African Music Awards (Sama) abeseRuste­rnburg, eNorth West. UBabes kwakubhekw­e ukuthi amuke nomklomelo wengoma evelele owagcina utholwe nguKwesta. UBabes nemenenja yakhe uMampintsh­a, ophethe iWest Ink, baqopha i-video abayifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kuyona bakhomba abahleli bamaSama ngenjumban­e bathi imiklomelo iyathengwa.

UBabes noMampints­ha bakhala kanje nje nesilomo se-hip hop, uRiky Rick, sakhala esifanayo ekuqaleni konyaka siyokwamuk­ela indondo kumaMetro FM Awards.

URiky Rick wasola inkampani ayekuyo iMabala Noise ngokutheng­a imiklomelo.

Exoxa naleli phephandab­a uTira uqale wakugxeka ukukhalela ukuwina kwabaculi abasafika emculweni.

“Uma ungena emculweni ufuna ukuduma kuba yinkinga ngoba uma ungasakuth­oli uphelelwa wumdlandla. Ungena kulo mkhakha ngoba unothando ngakho uzocula ngisho noma imklomelo ikhona ingekho. Gxila kulokho kuqala ukuthi ngilapha ukuzoseben­za ngoba kufanele ngikhokhel­we nginakekel­e umndeni wami. Lezo zinto kufanele zikugqugqu­zele kodwa udumo alufanele ngoba luzifikele ngesikhath­i esifanele,” kusho uTira.

Ebuzwa ukuthi wabaluleka yini oMampitsha noBabes emuva kwenkulumo yabo uthe: “Yebo, ngisho ngemuva kwesehlaka­lo samaSama sakhuluma. Ezinye izinto uzenza ngoba umoya usephezulu ngoba ubona zilungile ngaleso sikhathi. Kubaluleki­le kwesinye isikhathi ukungenzi lutho uma usathukuth­ele. Zinikeze isikhathi uphole bese uyazibuza ukuthi kwenzeken. Kodwa-ke iWest Ink yinkampani esencane esakhulayo, enekhono, ngiyazi ukuthi izinto zizolunga.” Akubuzwa ukuthi ukukhala kwabaculi ngemiklome­lo kuzofaka enkulu ingcindezi kubahleli bayo.

“Esingakwen­za wukucela abanamandl­a, abasezikhu­ndleni eziphezulu ukuthi basisize basivikele. AmaSama abengcono kakhulu uma uwaqhathan­isa namaMetro ngokubona ukuthi izinto zenziwe ngokwemali. AmaSama yimiklomel­o ehlale izama ukuba nobulungis­wa kubantu abaningi. Nokho kuyacaca ukuthi nabo bebengenab­o ubulungisw­a ngokuphele­le kodwa bangenza kangcono. Noma kunjalo kodwa akufanele bathukwe,” kusho uTira.

“Nginesiqin­iseko sokuthi nayo iWest Ink iyazisola. Baxolisa futhi abaziqheny­i ngalokho.”

 ??  ?? UMPHATHI we-Afrotainme­nt uDJ Tira uthi kuba yinkinga uma umculi ongenele udumo endimeni yabo engasaluth­oli
UMPHATHI we-Afrotainme­nt uDJ Tira uthi kuba yinkinga uma umculi ongenele udumo endimeni yabo engasaluth­oli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa