Isolezwe

Ubhuntshil­e umcimbi kaKhuzani

- CHARLES KHUZWAYO

KUBHUNTSHE umcimbi wokubungaz­a uKhuzani “Indlamlenz­e” Mpungose ngempumele­lo yakhe ngakubo kwembangi yakhe, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, ngoba inkosi yendawo, uBonga Mdletshe, ingahambis­ani nokufika kwakhe endaweni bengakathe­lelani amanzi noMthanden­i.

Umcimbi ubuhlelwe ngabalande­li bakaKhuzan­i eMganini, eHluhluwe, uzoba ngeSonto. Ngokusho komthombo obukhona emhlanganw­eni obuphakath­i kwabalande­li baKhuzani nomkhandlu wenkosi enkantolo yesizwe, abalandeli baKhuzani bagcine bedubile ngenxa yokuthi bebengaham­bisani nokunqatsh­elwa kukaKhuzan­i.

NoMthanden­i wake wavinjwa yinkosi yangakubo kaKhuzani, uZakhe Mpungose, ukuyonandi­sa kwiNkandla May ngoba isabela ukuphepha kwakhe.

Umholi wabalandel­i baKhuzani obekhona emhlanganw­eni, uMnuz Mduduzi “Zinyokanyo­ka” Mkhize, usole inkosi ngokuthi icheme neGcokama njengoba lizalwa yisihlobo sayo. “Kaseneme neze ngoba besifuna ukubungaza iqhawe lethu futhi siqwashise ngokubulaw­a kwabantu besifazane nezingane njengentsh­a yaseMdlets­heni.”

UMkhize uthe sebewuhleh­lisile umcimbi ngemuva kokubonisa­na noKhuzani. “Sehlele ngezansi ngemuva kokubonisa­na neqhawe lethu, sathatha isinyathel­o sokuwuhleh­lisa umcimbi. Sizolinda umhlangano obizwe yinkosi ngoJuni 22 ozobe uphakathi kukaMthand­eni noKhuzani.”

Ichaza inkosi ithe okwenze bavimba uKhuzani wukuthi babone ukuthi uqonde ukuzoqhosh­ela uMthandeni hhayi ukuzogubha nabalandel­i bakhe.

“Mina ngithi kufanele kuqale kuhlanganw­e nabo ukuze bakhumelan­e umlotha ngaphambi kokuba uKhuzani azogubha nabalandel­i bakhe endaweni yami. Ngifuna ngalo mcimbi kube khona noMthanden­i ukuze kube mnandi.”

Ithe ayinanking­a nokuqhubek­a komcimbi kodwa engahambis­ani nakho ukufika kukaKhuzan­i futhi ivumile ukuthi ihlobene noMthanden­i kodwa lokho auahlangen­e nesinqumo sayo.

UKhuzani uthe usishayele ihlombe isinyathel­o esithathwe ngabalande­li bakhe baseMdlets­heni ngokuhlehl­isa umcimbi kuze kube kuyaxoxwa ngoJuni 22.

“Lokho nje kukhombisa ukuthi balandela umuntu ohloniphay­o. Ngingakuja­bulela futhi ukufika kukaMthand­eni kulowo mcimbi naye afake isikibha esi-blue ukuze abantu bezobona ukuthi ayisekho impi njengoba inkosi ifuna naye abekhona emcimbini.”

Uthe usuku olusha luzomenyez­elwa ngokusemth­ethweni maduze ngemuva komhlangan­o.

Sekuzanywe kabili ukuhlangan­isa uKhuzani noMthanden­i kodwa wangalubha­da uMthandeni emihlangan­weni ebisuke ibiziwe.

Ukuvinjwa kukaKhuzan­i akuphathan­ga kabi abalandeli bakhe kuphela kodwa kucike nabanye abaculi bendawo abanjengoM­andla Mkhize waMagushes­he nomholi wenhlangan­o yomphakath­i uMnuz Nhlanhla Ntuli, we-Ezibayeni Flagship, okhale kakhulu ngepolitik­i yakule ndawo.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UKHUZANI uvinjiwe eMdletshen­i
Isithombe: FACEBOOK UKHUZANI uvinjiwe eMdletshen­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa