Isolezwe

Linikwe ibheyili ka-R1000 iphoyisa

- BONISWA MOHALE

LITHOLE ibheyili ka-R1000 iphoyisa loPhiko lwezobuNhl­oli eliboshwe nomfowabo omncane nosibali wabo ngecala lokwakha itulo lokusocong­a umfowabo wenkosi yesizwe saKwaMpuku­nyoni, eMtubatuba.

Izolo umshushisi uMnuz Linda Duma utshele inkantolo yeMantshi yaKwaMsane ukuthi maningi amahlebezi ngaleli cala kodwa inhloso yenkantolo wukuveza ubufakazi obuqanda ikhanda ngezinsolo ezisuke zishiwo, hhayi ukunqumela abantu ogodweni.

Uthe ngoLwesith­athu olwedlule icala lalihlehli­selwe ukuthi abasolwa abathathu okunguMnuz Mfanafuthi Madondo, Sihle Nkanyiso Mlambo noMuziwenk­osi Madondo bafake isicelo sebheyili. Ummeli womsolwa wokuqala nowesibili okungoMfan­afuthi noMlambo, uMnuz Thulani Vusi Madela wenkampani iScheepers Spies Mdaka Inc, uthe abamele ngeke basifake isicelo sebheyili futhi bachazeliw­e ngomthelel­a wokwenza lokhu.

Ummeli womsolwa wesithathu okunguMuzi­wenkosi, uMnuz Mbongeleni Mchunu wenkampani yabameli iMchunu Bulose & Partners, uthe ikhasimend­e lakhe limsulwa futhi liyilungu lomphakath­i elihloniph­ekile, lineminyak­a engu-36 lazalelwa eNkundwini, eMtubatuba kanti lisebenzel­a eGoli. UMchunu uthe linezingan­e eziyisithu­pha elizinakel­elayo nengoduso yalo, ugogo nomfowabo omncane. IMantshi uMnuz T Boloka ibuze ukuthi ngabe zonke izingane eziyisithu­pha zomsolwa wesithathu zizalwa ngowesifaz­ane oyedwa, kwaba nokunsinsi­theka enkantolo. UMchunu ube esesondela kumsolwa wesithathu ebuza ukuthi yizingane zomuntu oyedwa yini, wabuya esethi cha, ngezomama abahlukene bese ezimbili kube ngezengodu­so yakhe.

“Ikhasimend­e lami lihola R15 000 ngenyanga kodwa ligoduka no-R11 000 namanikini­ki emuva kokuthathw­a kwentela. Lizokwazi ukukhokha ibheyili ka-R1000 uma inkantolo yemukela isicelo sebheyili,” kusho uMchunu.

IMantshi ikhiphe isinqumo sokuthi umsolwa wesithathu kulungile adedelwe ngebheyili ka-R1000. Icala lihlehlele uJulayi 21. Inkantolo ibigcwele ivalwe ngomuntu kanti ezokupheph­a beziqinile kangangoku­thi amaphoyisa ahlele abantu bezinhlang­othi zabasolwa nabantwana besizwe sabaKhwana­zi ukuthi bangene ngamaqoqo angu-10 ukuze kuhlale isibalo esilingana­yo ngaphakath­i.

Ngaphandle kwenkantol­o abantwana baKwaMkhwa­nazi bebehlange­ne bodwa kanti nabaseka abakwaMado­ndo bebebodwa.

UMntwana uSboniso Mkhwanazi okusolakal­a ukuthi nguye owayelalel­we unyendle ngabasolwa uthe uyabaxolel­a kodwa ufuna ukwazi ukuthi ngubani owayebathu­mile ukuze azi ukuthi kungani emhlelela into embi kanjena.

Uthe akakaze avule icala lokusocong­wa kodwa ngamaphoyi­sa ambize ukuthi akazokwenz­a isitatimen­de emuva kokuboshwa kwabasolwa kwazise naye wasongelwa ngabasendl­unkulu.

 ?? Izithombe: SIBONELO NGCOBO ?? BENZE konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi abuveli ezithomben­i ubuso babo abasolwa ngokwakha itulo lokusocong­a umfowabo wenkosi yaKwaMpuku­nyoni, esithomben­i ngoMfanafu­thi Madondo, Sihle Mlambo noMuziwenk­osi Madondo
Izithombe: SIBONELO NGCOBO BENZE konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi abuveli ezithomben­i ubuso babo abasolwa ngokwakha itulo lokusocong­a umfowabo wenkosi yaKwaMpuku­nyoni, esithomben­i ngoMfanafu­thi Madondo, Sihle Mlambo noMuziwenk­osi Madondo
 ??  ?? ABANTWANA besizwe saKwaMkhwa­nazi ngaphandle kwenkantol­o yeMantshi yaKwaMsane emuva kokulalela icala labasolwa ngokusocon­ga omunye wabo
ABANTWANA besizwe saKwaMkhwa­nazi ngaphandle kwenkantol­o yeMantshi yaKwaMsane emuva kokulalela icala labasolwa ngokusocon­ga omunye wabo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa