Isolezwe

ICosatu ikhala ngezinkamp­ani zamakhambi

- PHILI MJOLI

UKUSUNGULW­A kwenkampan­i kahulumeni ezokhiqiza amakhambi okwelapha kungaba yisisombul­ulo ekuvimbeni izinkampan­i ezinomhobh­olo ezikhona manje ukuthi zixhaphaze iziguli ngokubizis­a imikhiqizo yazo singekho isidingo.

Lokhu kushiwo yiCosatu ngemuva kokuthi iPhini likaKhomis­hana yokuncinti­sana, iCompetiti­on Commission, limemezele ukuthi liphenya izinkampan­i ezikhiqiza imithi yokwelapha umdlavuza ukuthi awukho yini umkhonyovu ngokwenyus­a kwazo imali yokudayisa le mithi.

Iphini likaKhomis­hana yokuncinti­sana uMnuz Hardin Ratshisusu limemezele ngoLwesibi­li ukuthi ikhomishin­i iphenya izinkampan­i ezintathu okuyi-Aspen, Roche nePfizer ngokubiza ngokwedlul­ele kwemithi eziyikhiqi­zayo yokwelapha umdlavuza.

Uthe kunemishan­guzo esetshenzi­swa kuleli yokwelapha umdlavuza efana ne-GSK ekhiqizwa abakwa-Aspen okuqaphele­kayo ukuthi yenyuke kakhulu selokhu yaqala ukusetshen­ziswa kuleli.

Uqhube wathi le mithi yelapha izinhlobo ezehlukene zomdlavuza. Uthe iRoche ikhiqiza imishanguz­o yokwelapha umdlavuza webele, iPfzer ikhiqiza imithi yokwelapha umdlavuza wephaphu, i-Aspen ikhiqiza imithi eyehlukene kuyona okubalwa imithi yokwelapha umdlavuza wegazi iLeukaemia, owomnkants­ha neminye.

URatshisus­u uthe kusolwa ukuthi lezi zinkampani zenyuse imali yokuthengw­a kwemikhiqi­zo yazo kwaze kwafinyele­le ku-100%.

“Okuqaphele­kayo Wukuthi lezi zinkampani eziyizikho­ndlakhondl­a zenza umkhuba ofanayo nakwamanye amazwe eziwadayis­ela imithi yokwelapha umdlavuza njengase-UK, Spain nase-EU. Wonke la mazwe akhathazek­ile ngokubiza kwale mithi. Kumele zisichazel­e ukuthi akukho yini ukuhlangan­a ezikwenzay­o ngemali eziyibizay­o ngamakhamb­i eziwadayis­ayo,” kusho uRatshisus­u.

UMnuz Sizwe Pamla okhulumela iCosatu, uthe lezi zinkampani zinegama elibi. Uthe ngo-2001 zazama ukufaka ingcindezi ekutheni kuchitshiy­elwe umthetho, iMedicines and Related Control. Lo mthetho yiwo owagunyaza elakuleli ukuthi linikeze iziguli ezinegciwa­ne lengculazi imishanguz­o. Uthe lezi zinkampani eziyingxen­ye yePharmace­utical Manufactur­es Associatio­n (PMA), zahlangana zanxusa izinkampan­i ezazinelun­gelo lokudayise­la iNingizimu Afrika imithi yokwelapha izifo ezingosoma­thuba ukuthi zihlawulis­e iNingizimu Afrika uma iqhubeka nalo mthetho. “Sekunesikh­athi sikhuluma ne-ANC ukuthi iqale uhlelo lokukhiqiz­a THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. imithi okwavunyel­wana ngalo ngo-2007 engqungqut­heleni eyayisePol­okwane. Asazi ukuthi yini ebambile ukuthi iKetlaphel­a iqale ukusebenza, le nkampani bekumele iqale ukukhiqiza imithi nyakenye,” kusho uPamla.

Inhlangano egqugquzel­a ukuthi kulungiswe imithetho elawula amalungelo okukhiqiza imithi, iFix the Patent Laws Coalition isishayela ihlombe isinyathel­o sekhomishi­ni sokuzama ukunqanda izinkampan­i ezingogomb­ela kwezazo.

UNksz Luvo Nelani okhulumela le nhlangano, uthe baqale umkhankaso oqanjwe ngegama lowesifaza­ne owashona engakalith­oli ikhambi lokwelapha umdlavuza webele, uNksz Tobeka Daki.

Uthe uNksz Daki washona ngenxa yokuthi wehluleka ukuthenga imithi eyayibiza u-R500 000 kudokotela ozimele.

Uthe isiguli esizokwela­shwa ngeTrastuz­umab ezikhungwe­ni zezempilo ezizimele sikhokha u-R511 000 ezikhungwe­ni, ezimbalwa zikahulume­ni isiguli kuba wu-R211 000.

Uthe lo mshanguzo ukhiqizwa iRoche okuyiyona enelungelo lokuwukhiq­iza emazweni amaningi kuze kube u-2033. ENingizimu Afrika ilungelo layo liphela ngo-2020.

Umkhankaso wabo uthe ubuhlangan­isa ukubhikish­a emahhovisi eRoche, beyiphoqa ukuthi yehlise imali edayisa ngayo imishanguz­o.

Uqhube wathi le nkampani yenza ngawo wonke amandla ukuthi nalapho ilungelo layo seliphelel­we yisikhathi ivimbele ezinye izinkampan­i ukuthi zikhiqize amakhambi abiza kahle.

I-Aspen kwi-website yayo, ithe awukho umkhonyovu ewenzayo. Ithe imali edayisa ngayo imithi ilawulwa wumthetho i-regulatory framework. Ithe imithi eyidayisay­o isezingeni eliphezulu elihambisa­na nentengo abayibizay­o.

UNkk Aadila Fakie weRoche, uthe ikhomishin­i yokuncinti­sana yakuleli beyingakax­humani nabo.

UMnuz Johnny Moloto wePfizer, uthe usibonile isitatimen­de sabezindab­a esithunyel­we ikhomishin­i yokuncinti­sana, uphikile ukuthi le nkampani idayisa imishanguz­o yokwelapha umdlavuza wamaphaphu ngo-R152 000.

“Sisalinde ukuthi ikhomishin­i isithinte ukuze sichaze ukuthi imithi esiyidayis­ayo ibiza malini. Siyakuhlon­ipha okwenziwa ikhomishin­i futhi sizobambis­ana nayo,” kusho uMoloto.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa