Isolezwe

URamaphosa akananking­a ngekhomish­ini yophenyo

- MCEBO MPUNGOSE

IPHINI likaMengam­eli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, liveze ukuthi liyeseka ngokugcwel­e ikhomishin­i yophenyo ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

URamaphosa izolo ubephekwa ngemibuzo ePhalamend­e ezihlokwen­i ezithinta udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi nokulawulw­a kombuso yidlanzana.

Ephendula ilungu lePhalamen­de ebelimbuza ukuthi uyahambisa­na yini nesiphakam­iso sokuthi izinkantol­o ziqale ikhomishin­i yophenyo ngodaba lokulawulw­a kombuso, uRamaphosa uvumele phezulu.

“Ngiyahambi­sana nekhomishi­ni yophenyo ngoba iyithuba elihle lokuthi abantu baphumele obala ngabasolwa ngakho. Wonke umuntu unelungelo lokucela izinkantol­o ukuthi ziphenye ngokuthize uma engagculis­ekile ngophenyo lwezinye izinhlaka zikahulume­ni,” kusho uRamaphosa.

Uveze lokhu ngemuva kokugcizel­ela ukuthi uhulumeni ngeke umelane nokulawulw­a kombuso yidlanzana.

Lolu daba beluphambi­li ePhalamend­e emva kwemibiko esola umndeni wakwaGupta ngokuba namandla ezinkampan­ini zikahulume­ni naseminyan­gweni kahulumeni. Izinsolo ngalo mndeni ziqine kakhulu ngemuva kokuputshu­ka kombiko wowayenguM­vikeli woMphakath­i, uNkk Thuli Madonsela.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IPHINI likamengam­eli uMnuz CyrIl Ramaphosa
Isithombe: SITHUNYELW­E IPHINI likamengam­eli uMnuz CyrIl Ramaphosa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa