Isolezwe

INumsa ifuna kuphenywe uNgubane

-

uNgubane usulile.

Ungqongqos­he ube esememezel­a ukungena kukaMnuz Zethembe Khoza, kulesi sikhundla njengozoba­mba okwesikhas­hana.

IPhini likaMengam­eli weNumsa uNksz Ruth Ntlokotse, esitatimen­deni abasikhiph­ile, lithe bese kuyisikhat­hi sokuthi kwenzeke lokhu kwa-Eskom.

“Siyakwemuk­ela ukusula kukaDkt Ben Ngubane ebhodini yakwa-Eskom, kumele abhekane nawo wonke amacala enzekile ngesikhath­i esenguSihl­alo kule nkampani. Ukwesula kwakhe akusho ukuthi adedelwe ngezinto ebeziqhube­ka kwa-Eskom. Sicela kuqale uphenyo mayelana nabantu abebenikez­wa amathenda ngesikhath­i esaphethe nokuthi bekumele yini abe khona,” kusho uNksz Ntlokotse.

Uthe uNgubane kuyacaca ukuthi njengoba eshiya lesi sikhundla kukhona amabhizini­si afuna ukuwaqala.

Ukushiya isikhundla kukaNguban­e kulandela ukuthi iPhalamend­e lithathe isinqumo sokuthi kuphenywe kwa-Eskom ngemuva kwezinsolo zokuthi kube nokungapha­thwa kahle ekukhiphen­i amathenda ezintweni ezithinta uhulumeni.

“Sisakhatha­zekile ngesinqumo esathathwa yibhodi sokubuyise­la uDkt Brian Molefe esikhundle­ni sakhe,” kusho uNtlokotse.

Baqhube bathi lokhu okwenzakay­o okuthinta uMolefe kubeka ngokusobal­a ukuthi ebhodini yakwa-Eskom naseminyan­gweni kahulumeni kukhona okungahamb­i kahle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa