Isolezwe

Anikezwe izimoto amaphoyisa iTrio Task Team

- PHILI MJOLI

ABAPHANGI abasawasab­i amaphoyisa, uma sebehlelil­e ukuthi bazobamba inkunzi, bayaqhubek­a noma bebona ukuthi amaphoyisa asezithend­eni zabo.

Lokhu kushiwo uBrigadier Jay Naicker wamaphoyis­a KwaZulu-Natal muva nje, ngesikhath­i kunikezwa izimoto ithimba lamaphoyis­a aqaphe izigameko zokuphanga emakhaya, emabhizini­sini nokugqekez­a KwaZulu-Natal, i-Trio Task Team.

UNaicker uthe isigameko sangeledlu­le lapho abaphangi bevulele khona ngenhlamvu emaphoyise­ni kwaphazami­seka isu labo lokuqhumis­a ama-ATM enxanxathe­leni yezitolo kwaWebber, eHammarsda­le, sikhombise ngokusobal­a ukuthi izigebengu ziphume umkhankaso wokubhekan­a ngqo namaphoyis­a.

“Abaphangi babenethub­a lonke lokuthi bangaqhube­ki nokuzama ukuqhumisa ama-ATM ngoba bawabona amaphoyisa ngesikhath­i befika kodwa abekwenzan­ga lokho bavele bavulela ngenhlamvu. Abagcinang­a lapho noma sebejahwa ngamaphoyi­sa bebaleka ngezinyawo abazange bathi maluju bebelokhu beqhubeka bedubula. Ababalekel­a eMophela nabo abazange bathi maluju uma bebona ukuthi amaphoyisa asebabambi­le baqhubeka badubula,” kusho uNaicker.

Kulesi sigameko kwashona iphoyisa namadoda ayisishiya­galombili okusolwa ukuthi ayeyophang­a.

UNaicker uthe bakhulumil­e nabanikazi bezitolo ezinxanxat­heleni zezizitolo kulesi sifundazwe ukuthi baqinise ezokupheph­a ngoba izigameko zokuphangw­a kulezi zindawo zidlangile.

Umphathi wethimba elinikwe izimoto, uBrigadier Tefo Mpete uthe lezi zimoto zizobasiza kakhulu ngoba bekuba nezikhathi lapho ithimba labo belingakwa­zi ukufinyele­la ngesikhath­i lapho kubikwa khona ubugebengu.

“Kwesinye isikhathi izimoto ebesisuke siziboleki­le bezingakwa­zi ukusifinye­lelisa ngokushesh­a lapho sidingeka khona. Ngiyethemb­a ukuthi sesizokwen­za kangcono kakhulu,” kusho uNaicker.

Leli thimba libunjwe ngoJanuwar­i nonyaka kanti linikwe izimoto ezingu-12.

UKhomishan­a osabambile KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa, uthe imali yokuthenge­la leli thimba ezinye izimoto ezingu-17 isikhona kanjalo neyokulikh­okhela uma lisebenze isikhathi esengeziwe.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UBRIGADIER Tefo Mpete ophethe amaphoyisa iTrio Task Team KwaZuluNat­al
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UBRIGADIER Tefo Mpete ophethe amaphoyisa iTrio Task Team KwaZuluNat­al
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa