Isolezwe

Baphakamis­a abasengozi­ni yengculazi ngeTruvada

- LUNGI LANGA

ININGIZIMU Afrika kufanele ilinike abasengozi­ni enkulu yokungenwa yigciwane lengculazi iphilisi lokuligwem­a iTruvada.

Lokhu kuvezwe ngungoti wezocwanin­go, uSolwazi LindaGail Bekker weDesmond Tutu HIV Foundation ekhuluma engqungqut­heleni yegciwane lengculazi, iSA AIDS Conference e-ICC, eThekwini.

Imiphumela yocwaningo lwaphambil­ini iveze ukuthi iTruvada ingasetshe­nziswa ohlelweni lokugwema igciwane lengculazi, iPre-exposure prophylaxi­s (PrEP). Kuvele ukuthi leli philisi lingagwema ukuthi ongenalo igciwane atheleleke uma ezoliseben­zisa nsuku zonke.

USolwazi Bekker uthe ukholwa wukuthi uhulumeni angayonga imali uma engaqinisa ekutheni avikele intsha nabasengcu­pheni yokuthola igciwane lengculazi.

Izibalo zakuleli zikhombisa ukuthi yintsha enezibalo eziphezulu zabantu abangenwa yigciwane lengculazi, ikakhulu abantu besifazane abaneminya­ka ephakathi kuka-15 no-24.

Leli gciwane liphinde lidlange kakhulu kubantu abadayisa ngomzimba nabesilisa abathandan­a nabobulili obubodwa.

USolwazi Bekker uthe ukunika abantu imishanguz­o yokuvika igciwane lengculazi kungcono kakhulu kunokubani­ka imishanguz­o yokulithit­hibalisa ngoba sebethelel­ekile.

“Uma umuntu esenegciwa­ne lengculazi kuzofanele uhulumeni amhlinzeke ngama-ARVs impilo yakhe yonke. Lapho uyobe esekhokhel­a amaphilisi amabili, aphinde akhokhele nezinhlelo zezempilo azobe esezidinga. Okufanele kubhekwe uhulumeni manje ukuqinisek­isa ukuthi leli philisi lifinyelel­a kubantu abasengcup­heni enkulu yokuthola igciwane lengculazi,” kusho uSolwazi Bekker.

Okwamanje leli philisi lingathola­kala emakhemisi ngencwadi kadokotela kulabo abakwazi ukulitheng­a ngemali elinganise­lwa ku-R270, amaphilisi angu-28 angathathw­a inyanga yonke.

Uhulumeni wakuleli usabheka ukuthi angalihlin­zeka kanjani kubantu nokuthi ubani okufanele abekwe phambili uma selihlinze­kwa.

Iphini lomqondisi jikelele eMnyangwen­i wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Yogan Pillay usanda kuveza ukuthi okwamanje iTruvada isanikwe abantu abadayisa ngomzimba. Kunophenyo olwenziwa ezindaweni ezahlukene kuleli lapho linikwa khona intsha nabesilisa abalala nabanye besilisa. Lokhu kuyingxeny­e yophenyo ngokuthi lingayiswa kanjani emphakathi­ni.

Kuzothi uma sekuphume imiphumela yalolo phenyo babesebazi ukuthi bazolihlin­zeka kanjani ezikhungwe­ni zikahulume­ni.

USolwazi Bekker uthe kuzofanele kubhekwe nokuthi yiziphi izindlela ezingcono zokulikhan­gisa ukuze lamukeleke kubantu nokuthi iyiphi indlela yokuliyisa kubona.

Enye yezinto abazipheny­ayo wukuthi yikuphi okuzokwamu­keleka kubantu abasha phakathi kokuthi balithole emitholamp­ilo noma liyiswe kubona lapho behlala khona.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa