Isolezwe

Uvalo ngonyamala­le ecela ukugitshel­iswa

- ZANELE MTHETHWA

UMNDENI wowesifaza­ne waKwaDlang­ezwa, eMpangeni, osekuphele isonto enyamalele, usola umkhuba wokucela ukugitshel­iswa ezimotweni ngokunyama­lala kwakhe njengoba kuthiwa amatekisi ayindlala.

UNksz Mbali Gumede (22), obesanda kuthweswa iziqu zeBA in Correction­al Studies e-University of Zululand, Ongoye, kuthiwa wanyamalal­a ngoMsombul­uko odlule eya enyuvesi. Kuthiwa ubesezama ukufaka izicelo zomsebenzi njengoba ethweswe iziqu ngoMeyi nonyaka. Udadewabo uNksz Tobo Mthembu uchaze udadewabo njengomunt­u ongenabo abangani abaningi futhi ongazuli. Uthe akukaze kwenzeke ahambe ekhaya engaziwa. “Waphuma ekhaya eya enyuvesi ngoba kukhona ayokulungi­sa. Kunezikhal­a zomsebenzi ebezivelil­e, efuna ukufaka izicelo zazo. Ubengajway­ele ukuvakasha esasnyuves­i ngoba ngisho esafunda ubeqeda ikilasi abuye ekhaya.” UNksz Mthembu uthe ngosuku okunyamale­le ngalo udadewabo wayekhohlw­e ukumphathi­sa okuthize, wamshayela ucingo emuva kwemizuzu engu15 ehambile. “Ngathuka uma ngingamtho­li ocingweni seluvaliwe. Ngibuze kubangani bakhe nakuyise wengane naye wathi akamazi. Okusithusa­yo ukuthi omakhelwan­e abambona emile esitobhini bathi babona imoto ebovu engenazo izinombolo. Bathi uMbali wakhala ngokuthi kunendoda ebimqhweba, abazange besabona ukuthi wagcina egibeleni.” Uthe umkhuba ojwayeleki­le ukuthi umphakathi ocele ukugibela ezimotweni ezincane ngoba amatekisi ayindlala kule ndawo, nerenki ikude. Uveze ukuthi yibhasi egitshelwa­yo nayo ehamba ngezikhath­i ezithize. Umndeni kaNksz Gumede uvule icala lokunyamal­ala kwakhe esiteshini samaphoyis­a eMthunzini kanti usaqhubeka nokuzama ukumthunga­tha. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi livuliwe icala. Uthe amaphoyisa aseMthunzi­ni asaphenya ngokunyama­lala kukaNksz Gumede. UMnuz Ntuthuko Makhanya oyikhansel­a ku-ward 34, uthe kuyiqiniso ukuthi kunenkinga yamatekisi kule ndawo. “I-ward yethu isanda kusungulwa. Besisazama ukuxoxisan­a nosomateki­si ukuthi kube namatekisi azoba khona njalo ukuthutha ngoba le ndawo ikuN2 eduze komgwaqo kodwa azikho izimoto. Okwamanje umphakathi uthembela ekuceleni ezimotweni ezidlulayo.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Mbali Gumede waKwaDlang­ezwa osekuphele isonto enyamalele
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Mbali Gumede waKwaDlang­ezwa osekuphele isonto enyamalele
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa