Isolezwe

Uyelashwa umfundi ‘oshaywe’ wuthisha

- NONTUTHUKO NGUBANE

USELASHWA wudokotela wengqondo umfundi ona-12 ongqimuzwe wuthisha ekilasini ngoba emsola ngokuhluph­a abafundi besifazane.

Umfundi wasePrestb­ury wesilisa kuthiwa waba nokuhilizi­sana ngamazwi nomfundi ekilasini, uthisha kuthiwa wagxavuna umfundi wamcindeze­la edeskini, wamkhahlel­a, wamklinya.

Unina walo mfundi, naye ongeke adalulwe ukubalekel­a ukucwaswa kwengane yakhe uveze ukuthi lolu daba lunyathelw­a ngezinyawo futhi ingane yakhe ayisakwazi ukufunda ngendlela. “Kunzima enganeni yami selokhu yashaywa wuthisha njengoba isihamba udokotela omyala ngokwengqo­ndo. Unokukhohl­wa uma ethunywa futhi nasesikole­ni uyasaba ngoba uthisha owamshaya ulokhu emfaka imibuzo.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe: “NgoMeyi 17 ekuseni umfundi wasePrestb­ury kunezinsol­o zokuthi washaywa wuthisha. Icala lokushaywa lavulwa esiteshini sasePrestb­ury. Umsolwa ona-29 waboshwa, wavela enkantolo yeMantshi yaseMgungu­ndlovu ngoJune 7.” Idokodo ngecala lisagcinwe enkantolo.

Umzali walo mfundi utshele Isolezwe ukuthi wezwa ngendaba ukuthi uthisha uboshiwe waphinde watshelwa ukuthi icala liphelile njengoba uthisha eqhubeka nokufundis­a ingane yakhe.

“Okungiphat­ha kabuhlungu indlela isikole esisingeth­e ngayo udaba njengoba uthisha eqhubeka nokufundis­a ingane yami. Ingane yami iphila ngokusaba nokuphazam­isa ukufundwa kwayo,” kusho umzali.

Kuthintwa uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Scelo Khuzwayo okhulumela wona uthe bazolubhek­isisa lolu daba.

“Ngasohlang­othini lwethu sizosiland­ela isikhalazo somzali ngokwenzel­ela kwesikole siphinde siphenye izinsolo zokushaywa kwalo mfundi. Akekho uthisha ovumelekil­e ukuba ashaye ingane. Mayelana nokuvulwa kwecala ngeke siphawule sizokuyeke­lela kwingalo yomthetho,” kusho uKhuzwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa