Isolezwe

Induna idutshulwe yabulawa erenki

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSOLWA umbango wesikhundl­a ngokubulaw­a kwenduna erenki yamatekisi eMooi River.

UMnuz Mdodile Mngadi (60) udutshulwe ngoMsombul­uko emini ngabasolwa maqede babaleka. UMngadi obeyinduna KwaMphumel­a, eMooi River, kuthiwa kukhona abantu abebegibel­e evenini yakhe esebehlisa ngesikhath­i ehlaselwa abasolwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe amacala okubulala.

“Owesilisa ona-60 udutshulwe ngo-11.30 ekuseni erenki yamatekisi. Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa. Amaphoyisa aseMooi River aphenya icala lokubulala akekho oboshiwe.”

Kuthintwa umndeni wale nduna uMnuz Jabulani Mngadi, uthe uyise uhlala eMooi River njengoba yena eseMuden (ngaseGreyt­own) okwenza angabi nolwazi olugcwele ngokuhlase­lwa kwakhe.

“Ngisathole ukuthi ubaba ubulewe edolobheni, imininingw­ane egcwele ngokuhlase­lwa kwakhe nembangela, ngizokutho­la uma sengisekha­ya emndenini wami,” kusho uMngadi.

Ube esenikeza Isolezwe inombolo yamanye amalunga omndeni aseMooi River. Ucingo beluvaliwe. Umthombo weSolezwe uveze ukuthi kukhona abebegaqel­e lesi sikhundla sokuba induna njengoba kuthiwa siyaholela. Umufi kuthiwa ubeneminya­ka eyinduna, eqotho nethenjwa inkosi.

Unobhala wenkosi uNgangendl­ovu Mchunu, uNksz Nokulunga Mchunu, uthe abazi ngembangel­a yokubulawa kwenduna.

“Sisalinde ukuthola ngokwenzek­ile emndenini wenduna njengoba sizohlanga­na nabo ngoLwesine. Mayelana nezinsolo zombango wezinduna, into esingayazi nesingabon­i ukuthi iyona engaba imbangela yokubulawa kwenduna. Sisadideki­le nje ngokwenzek­ile,” kusho uNksz Mchunu.

UNksz Mchunu uthe induna eshonile ibihola kodwa ngeke adalulala imininingw­ane njengoba kumele aqale akhulume nomndeni ngesigamek­o.

Ngokombiko woMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNat­al baveza umbiko othi zihola u-R7000 izinduna.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa