I-Afro Soul nekhaya elisha ezoqopha kulo
SELITHOLE ikhaya elisha lokuqopha futhi lizokhipha i-albhamu ngaphambi kokuphela konyaka iqembu laseThekwini i-Afro Soul.
Leli qembu elaliqopha eKZN Music House eyagcina isiyaziwa ngeMusic House KZN, selokhu lagcina ukukhipha ngo-2013 nge-albhamu ethi Rebirth.
Iqembu libunjwe nguSergeant Malishe, Thandeka Zulu noSabelo Ngema.
UThandeka uthe lo nyaka ngeke uphele bengayikhiphanga i-albhamu. “Selokhu sagcina ngeRebirth ngo-2013. Besingafuni ukukhipha ngaphandle kwenkampani ezosisabalalisela umculo wethu. Njengamanje sisebenza ne-Universal Music. Akulula ukuziphushela uwedwa.”
UKenny Tlale oyiLabel Manager e-Universal Music ukuqinisekisile ukuthi sebesebenza ne-Afro Soul. Uthe i-albhamu yayo izodidiyelwa nguRobbie Malinga.
URobbie naye ukuqinisekisile lokhu wathi basayine inkontileka yonyaka owodwa.
UThandeka uthe bazoba nekhonsathi yokubavalelisa ngempelasonto njengoba beya kwiEssence Festival e-United States of America.
I-Afro Soul izohamba eNingizimu Afrika ngoJuni 27. Ikhonsathi yokubavalelisa izoba seComfort Zone, eClermont, ngeSonto. Uthe abalandeli babo bazongena mahhala kodwa abafuna ukuba yizicukuthwane bazokhokha.
Uthe bazokwesekwa nguMthunzi no-Anele Mtshali ekhonsathini. “Phesheya sizohlala isonto lonke. Siyobakhombisa ukuthi eNingizimu Afrika siphetheni ngokuthi sicule kahle futhi sigqoke kahle.”
Uthe banethemba lokuthi bazohlangana nabanye abaculi bacobelelane ngolwazi, bagcine sebesebenzisana. Leli qembu aliqali ukuya phesheya njengoba eminyakeni embalwa eyedlule like laya eGermany. Abanye abaculi abazohamba yi-Afrika Mamas, Heels over Head neThwasa Lekhansela