Isolezwe

I-Afro Soul nekhaya elisha ezoqopha kulo

- FANELESIBO­NGE BENGU

SELITHOLE ikhaya elisha lokuqopha futhi lizokhipha i-albhamu ngaphambi kokuphela konyaka iqembu laseThekwi­ni i-Afro Soul.

Leli qembu elaliqopha eKZN Music House eyagcina isiyaziwa ngeMusic House KZN, selokhu lagcina ukukhipha ngo-2013 nge-albhamu ethi Rebirth.

Iqembu libunjwe nguSergean­t Malishe, Thandeka Zulu noSabelo Ngema.

UThandeka uthe lo nyaka ngeke uphele bengayikhi­phanga i-albhamu. “Selokhu sagcina ngeRebirth ngo-2013. Besingafun­i ukukhipha ngaphandle kwenkampan­i ezosisabal­alisela umculo wethu. Njengamanj­e sisebenza ne-Universal Music. Akulula ukuziphush­ela uwedwa.”

UKenny Tlale oyiLabel Manager e-Universal Music ukuqinisek­isile ukuthi sebesebenz­a ne-Afro Soul. Uthe i-albhamu yayo izodidiyel­wa nguRobbie Malinga.

URobbie naye ukuqinisek­isile lokhu wathi basayine inkontilek­a yonyaka owodwa.

UThandeka uthe bazoba nekhonsath­i yokubavale­lisa ngempelaso­nto njengoba beya kwiEssence Festival e-United States of America.

I-Afro Soul izohamba eNingizimu Afrika ngoJuni 27. Ikhonsathi yokubavale­lisa izoba seComfort Zone, eClermont, ngeSonto. Uthe abalandeli babo bazongena mahhala kodwa abafuna ukuba yizicukuth­wane bazokhokha.

Uthe bazokwesek­wa nguMthunzi no-Anele Mtshali ekhonsathi­ni. “Phesheya sizohlala isonto lonke. Siyobakhom­bisa ukuthi eNingizimu Afrika siphetheni ngokuthi sicule kahle futhi sigqoke kahle.”

Uthe banethemba lokuthi bazohlanga­na nabanye abaculi bacobelela­ne ngolwazi, bagcine sebesebenz­isana. Leli qembu aliqali ukuya phesheya njengoba eminyakeni embalwa eyedlule like laya eGermany. Abanye abaculi abazohamba yi-Afrika Mamas, Heels over Head neThwasa Lekhansela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa