Isolezwe

Kwamvula amehlo ukungaqash­wa kwiSelimat­hunzi

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKUKHALA ngaphansi ehlulwa wuLunga Tshabalala ekuzameni inhlanhla yokuba wumethuli weSelimath­unzi, uLawrence Maleka akumqedang­a amandla kodwa kwamshukum­isela ekufuneni ukubonakal­a noma ikuphi kuthelevis­hini.

Le nsizwa izakhele igama kwabaningi ngesikhath­i yethula uhlelo lwamakhway­a kuMzansi Magic, iClash Of The Choirs.

Muva nje kuvele ukuthi ingelinye lamajaji ohlelweni olusha iThe Final Cut, ezobonakal­a ku-SABC3, ngesonto elizayo.

Le nsizwa iveze ukuthi ngesikhath­i ingalithol­i ithuba lokuba umethuli wezinhlelo yavundulul­a kuzona zonke iziteshi zethelevis­hini ifuna umsebenzi.

“Ngangazi ukuthi nginalo ithalente njengoba ngangingek­e ngize ngifinyele­le kude kunhlolokh­ono ukube ngangingen­alo ithalente. Ngambongel­a uLunga kodwa nami ngavula amehlo ngafuna umsebenzi kwenzinye izindawo,” kusho uLawrence.

Uthe umsebenzi wakhe ohlelweni iThe Final Cut ngokubambi­sana noKarin Van Der Laag, Mmabatho Montsho noThabang Moleya ukuthola insizwa nentokazi ezolingisa noma kumuphi umdlalo okhonjiswa kwa-SABC.

“IThe Final Cut ihambele amadolobha ahlukene kuleli ithungatha abantu abafuna ukulingisa. Ngakho manje sekuzokhon­jiswa abantu abatholaka­le kulamadolo­bha bebhekana nokuqeqesh­wa okwehluken­e okuzobenza badlulele ezigabeni ezilandela­yo.”

Esitatimen­deni esikhishwe abakwa-SABC3, baveze ukuthi lolu hlelo luzokhonji­swa amasonto angu-13, lapho abantu abangu-14, bezonikezw­a iziqephu ezincane abazozilin­gisa ukuze kubonakale ulwazi abanalo ngalo mkhakha. Bazobe sebenikwa umbhalo obhaliwe oshoyo ukuthi umdlalo uzohamba kanjani okumele bawulungis­elele emizuzwini engu-15.

Kuwo lowo mdlalo bathe kuzobe kuneziqeph­u ezahlukene ezihlangan­isa, ezothando, ezokuxaban­a ezokulwa nezinye ezahlukene. Kulolu hlelo izinto zizoshuba uma amajaji esenza isinqumo okukhipha oyedwa wesifazane noyedwa wesilisa esiqeshini ngasinye esizokhonj­iswa kuthelevis­hini. Kulolu hlelo kuyashuba uma sekuqhutsh­ekelwa phambili nabasele njengoba beya ngokunciph­a futhi sekubhekwe ukuthi obani abazodla umhlangani­so.

 ??  ?? MMABATHO MONTSHO
MMABATHO MONTSHO
 ??  ?? LAWRENCE MALEKA
LAWRENCE MALEKA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa