Isolezwe

U-DJ Mdix uzonandisa kuGu Jazz

- FANELESIBO­NGE BENGU

UKUBONA kuyithuba lokukhombi­sa ukuthi ithalente likhona ePort Shepstone uDJ Mdix ongomunye wabaculi bendawo abazonandi­sa kuGu Jazz Festival ngoJuni 24.

ULungisani “DJ Mdix” Khuzwayo (29) waseGamala­khe, ePort Shepstone, uzonandisa esigabeni esibizwa ngeLocal Artist Hour. Kuzobe kunguye, Ndumiso Phungula, KG Miya, Prince Mlu, Mlungisi Ncane, Bongi Nzimakwe, Sbudarico, T-Hembi noSifundo Nomfundo.

Kwenziwa inhlolokho­no komasipala abangaphan­si koGu ukuze kutholwe laba baculi.

“Lokhu kuzokhombi­sa ukuthi ogwini oluseningi­zimu ithalente likhona futhi liyaqhamuk­a asimile. Sebekhona oNaima Kay noProfesso­r abadabuka khona.”

Lo DJ usezakhele udumo ngengoma ethi Umvulo okucula kuyo uZanda Zakuza. Le ngoma ibikwi-albhamu yeDurban’s Finest ethi Reloaded.

Uthe umculo uwuqale ngo2000 kodwa ubengagxil­ile kuwo. Bekuyinto abeyenza engayinaki. Eseqala ukugxila kuwo ingoma yakhe ethi Umvulo ivele yaduma.

“Njengamanj­e ngihlangan­isa i-albhamu engicabang­a ukuthi izophuma ngoJulayi uma kungeke kube yisekuphel­eni kukaJuni. Kuyo ngisebenze noKing Monada, Professor, Naima Kay, Scelo Gowane noSisanda Nilson,” kusho lo DJ we-house.

Uthe usezinze eGoli kwazise uqopha nenkampani i-Open Mic.

Ugu Jazz Festival, Isolezwe elingabaxh­asi bayo, izoba soGu Sports & Leisure Centre. Kuzobe kushiyelan­a inkundla uRingo, Sjava, Jimmy Dludlu, Amandla Black, Zakes Bantwini, Mbuso Khoza, Sands nabanye.

Amathikith­i atholakala eComputick­et ngemali eqala ku-R280.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? U-DJ Mdix ongomunye babaculi basePort Shepstone abazothola ithuba lokunandis­a kuGu Jazz Festival ngoJuni 24
Isithombe: INSTAGRAM U-DJ Mdix ongomunye babaculi basePort Shepstone abazothola ithuba lokunandis­a kuGu Jazz Festival ngoJuni 24
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa