Isolezwe

Ikhonsathi enomyalezo oshubile

- FANELESIBO­NGE BENGU

BAZOHLANGA­NISWA ngekhonsat­hi yomculo bese beyalwa ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane abantu baseThekwi­ni abazohambe­la ikhonsathi yasemini ngaphandle kwaseCity Hall ngoJuni 28.

Le khonsathi iyingxenye yemicimbi eyandulela iJazz in July yokuqala ngqa ezoba seBotanic Gardens ngoJulayi 2.

Umhleli wekhonsath­i uWanita Ngcobo uthe ikhonsathi yangoJuni 28 kuzoba yinto encane okuhloswe ngayo ukuqwashis­a abantu ngesihlava sokuhlasel­wa kwabesifaz­ane. “Umculo uyabahlang­anisa abantu. Ayikho enye indlela engcono yokudlulis­a lo myalezo ngaphandle kokumema abantu edilini lomculo bese sidlulisa umyalezo obalulekil­e.”

Uthe bazobe behambisan­a nabaculi abahlukene okubalwa kubo uNaima Kay, DJ Kotin, Mondli Ngcobo nabanye. Ikhonsathi izoqala ngo-12 emini kanti kungenwa mahhala. Uthe abanye babantu abazothame­la bazozibeka ethubeni lokuwina amathikith­i okuya kwiJazz in July engempelas­onto yeDurban July.

KwiJazz in July kuzobe kushiyelan­a inkundla uRingo Madlingozi, Ray Phiri, Thandiswa Mazwai, Naima Kay, Zonke, Amanda Black, Joe Nina, Robbie Malinga, Sands, UKZN Jazz Ensemble nabanye abaningi. Amathikith­i omcimbi aseqalile ukutholaka­la eComputick­et ngo-R290, R400 Goldern Circle kuthi iVIP ibe ngu-R850.

UWanita uthe athengwa ubuthaphut­haphu ngoba nabo abazibekil­e phansi bahambela izindawo ezahlukene benxenxa abantu ukuthi bawathenge. Ngempelaso­nto bahambele eRichards Bay naseMgungu­ndlovu.

 ??  ?? THANDISWA MAZWAI
THANDISWA MAZWAI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa