AmaGemini aphiwe ngasolwimini
UBUDLELWANO BEGEMINI Abantu abazalwa kusukela ngo-21 May – 20 Juni babizwa ngokuthi bangamaGemini okunguphawu lwesithathu lomoya luphinde lube ngolokuqala kwezintathu ezibonakala ngophawu lomuntu kulezo eziwu-12 ezikhona kwiZodiac (lapho kuhlala khona izilwane). Kule ngosi sizobheka iGemini ebudlelwaneni ukuze sibaqonde sibazi kangcono ukuthi bathandani futhi ungalindelani uma uhlekisana nabo, lokho okungenza ukuxhumana nokuzwana kube yimpumelelo. Ukuyilalela nokuyiqonda imizwa kwenza ubudlelwano bube nokubekezelana nokwamukelana okuyinto esemqoka kakhulu kulabo abahlose ukwakha inqubekela phambili nokuzwana ngokweqiniso. Lokhu kubalulekile ikakhulukazi kubantu abangamaGemini wona avame ukungayithembi kahle imizwa yezinhliziyo zabo. Kanti ukuyishaya indiva imizwa njengento engekho kuvame ukuba nomthelela ongemuhle ekuhambeni kwesikhathi ngoba cishe bonke ubudlelwano buncike ekuyihlonipheni imizwa. Njengoba iGemini inguphawu lomoya, lokho kusitshela ukuthi laba bangabantu abakhaliphile ngendlela eyisimanga, imiqondo yabo ishesha kuhle komoya okuyinto enhle kodwa lokhu kumele kulekelelane kuhambisana nemizwa ngoba ubudlelwano abumiswa ubuhlakani nokuqonda izinto kangcono kunomunye. Enye yezinto ezithakaselwa amaGemini ingxoxo ephapheme, okungukuxhumana ngenkulumo nokwabelana ngemibono nezifiso. Kanti nenkulumo-mpikiswano bayayincamela kunokuthi izinto zingaxoxwa. Empeleni kubakhuba kakhulu emoyeni ukungaxoxisani.
Njengawo wonke umuntu, kubalulekile ukuba nomeluleki noma umuntu okubonisayo nokubuyisayo lapho uphambuka khona noma udinga ukuyalwa ngokuthize njengoba nesintu sisho sithi ‘indlela ibuzwa kwabaphambili’. NamaGemini ayamdinga umuntu ongaba insika ngokuba nalelo qhaza empilweni yabo ikakhulukazi uma bengakakwazi ukuzimela ngokomqondo nangokwemizwa. Umoya akuyona into ehamba kancane kanjalo namaGemini angabantu abasheshayo ekwenzeni izinto kanti bangahlomula lukhulu uma bengazijwayeza ukulinda bamfunde umuntu ngaphambi kokuthi bangene ebudlelwaneni ukuze ukwazana kwabo kuzoqina kube nesizinda futhi bube nesasasa. Abantu abangaGemini bangamasoka okuzalwa, bayakwazi ukudlalisa ulimi bakuteketise ngamagama amnandi balethe injabulo. Imikhakha Yemisebenzi
Kusukela kumuntu esemncane kuya komdala, amaGemini ayashesha ukukhombisa ikhono lokukhuluma, umqondo osheshayo, ukuxhumana nabantu, izimpawu zokuhlakanipha. Lokhu kuvame ukubonakala ngemibuzo abayibuzayo nokwazi ukushesha bajwayele isimo sempilo. Lolu phawu lokuqala olubonakala ngomfanekiso womuntu luyinkomba yokuthi laba ngabantu babantu. Lokho sikubona uma sikhuluma ngemikhakha ethokozelwa amaGemini. Abantu abangamaGemini akubona neze abantu abathulayo – bavama ukutholakala kuleyo mkhakha eyenza bakwazi ukulalela nokuxoxisana nabantu. Ababhali bezincwadi namaphepha, izintatheli, abafundisa ezikoleni nakwezinye izikhungo ezithinta ezemfundo. Lena ngeminye yemikhakha ephansi kophawu lweGemini kanti namasela kuvame ukuba abantu abanobuhlobo nalolu phawu lwamawele. AmaGemini ayayithokozela imisebenzi ekwazi ukubanika ithuba lokuxhumana nabantu emazingeni ahlukahlukene, yingakho benza kangcono kuleyo mikhakha ephathelene nezokusakaza emsakazweni nakwithelevishini.
AmaGemini anekhono lokuzalwa kuleyo mikhakha ephathelene nokukhangisa imikhiqizo enhlobonhlobo. Kanti alukho uphawu olukwazi ukudayisa kangcono okudlula olwamawele. Empeleni banekhono lokudlalisa ulimu uphethe ngokuyikhipha imali uthenge abakudayisayo. AmaGemini ayayithokozela imisebenzi ethinta ukuthuthwa kwabantu, inqobo uma abakwenzayo noma abakufundele kuzobanika ithuba lokushintsha izinto zibukeke futhi zibasebenzele kangcono kungabi umsebenzi lapho bezithola benza khona into eyodwa nsukuzonke. Kwezamabhizinisi amaGemini ayakwazi ukwenza kangcono uma besebenzisa amakhono abazalwa nawo okulalela, ukwazi ukuqonda isimo ngokwenzekayo, ukusebenzisana nokuqonda imibono yabanye abantu. Okwenzeka Emafini Kwesikabhadakazi sizobona inyanga ihlangana nelanga ngapansi kophawu lweCancer ngo24 Juni. Lokhu sikubiza ngokuthi inyanga entsha (new moon) yona eyinkomba yezinto eziqalwayo nalezo esifisa ukuziqala. Yonke into ephezulu emafini naphansi komthunzi welanga, ibuswa iphinde yengamelwe inkanyezi noma iplanethi ethize, njengoba sibona amaMuslim wona aqala, aphinde aphethe ukuzila ukudla ngezikhathi ezilawulwa inyanga nelanga.