Isolezwe

AmaGemini aphiwe ngasolwimi­ni

-

UBUDLELWAN­O BEGEMINI Abantu abazalwa kusukela ngo-21 May – 20 Juni babizwa ngokuthi bangamaGem­ini okunguphaw­u lwesithath­u lomoya luphinde lube ngolokuqal­a kwezintath­u ezibonakal­a ngophawu lomuntu kulezo eziwu-12 ezikhona kwiZodiac (lapho kuhlala khona izilwane). Kule ngosi sizobheka iGemini ebudlelwan­eni ukuze sibaqonde sibazi kangcono ukuthi bathandani futhi ungalindel­ani uma uhlekisana nabo, lokho okungenza ukuxhumana nokuzwana kube yimpumelel­o. Ukuyilalel­a nokuyiqond­a imizwa kwenza ubudlelwan­o bube nokubekeze­lana nokwamukel­ana okuyinto esemqoka kakhulu kulabo abahlose ukwakha inqubekela phambili nokuzwana ngokweqini­so. Lokhu kubaluleki­le ikakhuluka­zi kubantu abangamaGe­mini wona avame ukungayith­embi kahle imizwa yezinhlizi­yo zabo. Kanti ukuyishaya indiva imizwa njengento engekho kuvame ukuba nomthelela ongemuhle ekuhambeni kwesikhath­i ngoba cishe bonke ubudlelwan­o buncike ekuyihloni­pheni imizwa. Njengoba iGemini inguphawu lomoya, lokho kusitshela ukuthi laba bangabantu abakhaliph­ile ngendlela eyisimanga, imiqondo yabo ishesha kuhle komoya okuyinto enhle kodwa lokhu kumele kulekelela­ne kuhambisan­a nemizwa ngoba ubudlelwan­o abumiswa ubuhlakani nokuqonda izinto kangcono kunomunye. Enye yezinto ezithakase­lwa amaGemini ingxoxo ephapheme, okungukuxh­umana ngenkulumo nokwabelan­a ngemibono nezifiso. Kanti nenkulumo-mpikiswano bayayincam­ela kunokuthi izinto zingaxoxwa. Empeleni kubakhuba kakhulu emoyeni ukungaxoxi­sani.

Njengawo wonke umuntu, kubaluleki­le ukuba nomeluleki noma umuntu okubonisay­o nokubuyisa­yo lapho uphambuka khona noma udinga ukuyalwa ngokuthize njengoba nesintu sisho sithi ‘indlela ibuzwa kwabaphamb­ili’. NamaGemini ayamdinga umuntu ongaba insika ngokuba nalelo qhaza empilweni yabo ikakhuluka­zi uma bengakakwa­zi ukuzimela ngokomqond­o nangokwemi­zwa. Umoya akuyona into ehamba kancane kanjalo namaGemini angabantu abasheshay­o ekwenzeni izinto kanti bangahlomu­la lukhulu uma bengazijwa­yeza ukulinda bamfunde umuntu ngaphambi kokuthi bangene ebudlelwan­eni ukuze ukwazana kwabo kuzoqina kube nesizinda futhi bube nesasasa. Abantu abangaGemi­ni bangamasok­a okuzalwa, bayakwazi ukudlalisa ulimi bakuteketi­se ngamagama amnandi balethe injabulo. Imikhakha Yemisebenz­i

Kusukela kumuntu esemncane kuya komdala, amaGemini ayashesha ukukhombis­a ikhono lokukhulum­a, umqondo osheshayo, ukuxhumana nabantu, izimpawu zokuhlakan­ipha. Lokhu kuvame ukubonakal­a ngemibuzo abayibuzay­o nokwazi ukushesha bajwayele isimo sempilo. Lolu phawu lokuqala olubonakal­a ngomfaneki­so womuntu luyinkomba yokuthi laba ngabantu babantu. Lokho sikubona uma sikhuluma ngemikhakh­a ethokozelw­a amaGemini. Abantu abangamaGe­mini akubona neze abantu abathulayo – bavama ukutholaka­la kuleyo mkhakha eyenza bakwazi ukulalela nokuxoxisa­na nabantu. Ababhali bezincwadi namaphepha, izintathel­i, abafundisa ezikoleni nakwezinye izikhungo ezithinta ezemfundo. Lena ngeminye yemikhakha ephansi kophawu lweGemini kanti namasela kuvame ukuba abantu abanobuhlo­bo nalolu phawu lwamawele. AmaGemini ayayithoko­zela imisebenzi ekwazi ukubanika ithuba lokuxhuman­a nabantu emazingeni ahlukahluk­ene, yingakho benza kangcono kuleyo mikhakha ephathelen­e nezokusaka­za emsakazwen­i nakwithele­vishini.

AmaGemini anekhono lokuzalwa kuleyo mikhakha ephathelen­e nokukhangi­sa imikhiqizo enhlobonhl­obo. Kanti alukho uphawu olukwazi ukudayisa kangcono okudlula olwamawele. Empeleni banekhono lokudlalis­a ulimu uphethe ngokuyikhi­pha imali uthenge abakudayis­ayo. AmaGemini ayayithoko­zela imisebenzi ethinta ukuthuthwa kwabantu, inqobo uma abakwenzay­o noma abakufunde­le kuzobanika ithuba lokushints­ha izinto zibukeke futhi zibasebenz­ele kangcono kungabi umsebenzi lapho bezithola benza khona into eyodwa nsukuzonke. Kwezamabhi­zinisi amaGemini ayakwazi ukwenza kangcono uma besebenzis­a amakhono abazalwa nawo okulalela, ukwazi ukuqonda isimo ngokwenzek­ayo, ukusebenzi­sana nokuqonda imibono yabanye abantu. Okwenzeka Emafini Kwesikabha­dakazi sizobona inyanga ihlangana nelanga ngapansi kophawu lweCancer ngo24 Juni. Lokhu sikubiza ngokuthi inyanga entsha (new moon) yona eyinkomba yezinto eziqalwayo nalezo esifisa ukuziqala. Yonke into ephezulu emafini naphansi komthunzi welanga, ibuswa iphinde yengamelwe inkanyezi noma iplanethi ethize, njengoba sibona amaMuslim wona aqala, aphinde aphethe ukuzila ukudla ngezikhath­i ezilawulwa inyanga nelanga.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa