Isolezwe

USerero uzitholele ikhaya elisha eNetherlan­ds

- LUNGILE MAJOKA

UZITHOLELE ikhaya elisha eNetherlan­ds uThulani Serero waseNingiz­imu Afrika ohlale isizini yonke engadlali kwi-Ajax Amsterdam.

Lokhu kuvezwe yiSBV Vitesse edlala esigabeni esikhulu kuleli lizwe izolo ekuseni lapho iveze khona ukuthi seyivumele­ne ngenkontil­eka yeminyaka emithathu noSerero. “UThulani Serero namuhla (izolo) uzoya kohlolwa isimo sakhe sempilo ngemuva kwalokho uzobe esethulwa ngokugcwel­e njengomdla­li weqembu,” lona kube wumbhalo osekhasini leVitesse ku-Instagram obuhambisa­na nesithombe sikaSerero esayina amaphepha.

Ngemuva kwamahora ambalwa lo mdlali ube esethulwa ngokusemth­ethwni yileli qembu. IVitesse iqede endaweni yesihlanu kwi-log ye-Eredivisie ngesizini edlule. USerero ukhululwe yiqembu elikhulu kuleli lizwe i-Amsterdam ayijoyine ngo-2011. Wayehambe esuka kwi-Ajax Cape Town kade ewole imiklomelo kuleli kukhona nowomdlali ovelele nowomdlali omncane oshaye into ecokeme. Impilo ibingasekh­o yinhle kuSerero naleli qembu kusukela ngesizini eyandulela edlule lapho edlale khona imidlalo eyisithuph­a kuphela. Ekuqaleni kwedlule isizini yonke uyichithe neqembu labafana abancane ngemuva kokuchithw­a wanganikez­wa ngisho inombolo yejezi. Lokhu kusho ukuthi ubeseyisib­ukeli ngesikhath­i i-Ajax eyakhiwe ngabafana abancane ihamba ize iyobhajwa kowamanqam­u kwiUefa Europa League lapho ihlulwe khona iMancheste­r United.

Ukungadlal­i kukaSerero kugcine kumlahleki­sele ngendawo kwiBafana njengoba ubengekho eqenjini likaStuart Baxter elidlale neNigeria kowokuhlun­gela i-Afica Cup of Nations nowobungan­i neZambia. Uma efika eyithola indawo kuVitesse kungenzeka adonse amehlo kaBaxter kwazise umdlalo olandelayo welesizwe uzoze ube ngoSepthem­ba lapho iBafana izodlala neCape Verde kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba eseRussia ngo2018.

 ??  ?? THULANI SERERO
THULANI SERERO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa