Isolezwe

Uyinyama kwawePSL uXulu ochithwe yiChiefs

- LUNGILE MAJOKA

USAZIMISEL­E ngokuhlala eNingizimu Afrika umdlali obalwe nabachithw­e yiKaizer Chiefs, uSiyanda “Magazi” Xulu.

NgoLwesibi­li iChiefs ikhiphe isitatimen­de idalula ukuthi izonqamula inkontilek­a kaXulu, Lucky Baloyi, Camaldine Abraw noLewis Macha Isolezwe elabika ngoJanuwar­i ukuthi uselishiyi­le iqembu wajoyina elakubo iNkwazi FC.

U-Enocent Mkhabela obebolekis­we kwiPlatinu­m Stars yena kuthiwe uzonikwa ithuba lokuzithol­ela inkontilek­a egcwele neDikwena.

USiphelele Mthembu eyakhe inkontilek­a ngeke ivuselelwe njengoba iphela ekupheleni kukaJuni.

Imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, icashunwe esitatimen­deni, ithi: “Laba badlali banezinkon­tileka neqembu kodwa abazange balithole ithuba lokudlala ngesizini edlule. Sibone kukuhle kubona nakithina ukuthi bazame ukuqhuba imisebenzi yabo kwenye indawo.”

Isolezwe lithole ngomthombo osondelene noMagazi ukuthi lo mdlali ofike kwiChiefs kumasizini amabili edlule esuka kuRostov, eRussia, uyinyama emaqenjini akuPremier Soccer League (PSL) futhi naye usafuna ukudlala lapha eNingizimu Afrika. “Ukuhlala isizini engadlali akusho ukuthi akasasiyen­a umdlali osezingeni eliphezulu. Kukhona amaqembu amfunayo. Usafuna ukudlala lapha ekhaya njengoba esenentshi­sekelo yokudlala eqenjini lesizwe,” kusho umthombo.

Ubuye wakuveza ukuthi uXulu usalelwe iminyaka emithathu kwinkontil­eka ayisayina kuChiefs. “Engikwaziy­o ukuthi inkontilek­a yakhe ayikanqany­ulwa kwiChiefs. Okuvunyelw­ene ngakho wukuthi athole iqembu azogculise­ka ngelimnika kona bese ke eyakhulule­ka kwiChiefs.”

UXulu, owaqoma iChiefs kade efunwa nayiMamelo­di Sundowns, akaqali ukungena ohlwini lwabachith­wayo kuMakhosi. Lokhu kwenzekile nasekuphel­eni kwesizini edlule kodwa kwagcina lingekho iqembu alitholayo njengoba kwavela ukuthi uzanyelwa phesheya kwezilwand­le.

Ophethe izindaba zalo mdlalo odabuka KwaMashu, uPaul Mitchell, akazange atholakale izolo. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Ngokuthola kwephephan­daba phakathi kwamaqembu amfunayo uXulu kukhona iCape Town City, Ajax Cape Town nePlatinum Stars.

 ??  ?? SIYANDA Xulu
SIYANDA Xulu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa