Isolezwe

Singazuza lukhulu uma sibeka izwe nabadlali phambili

-

UKUJABULA yikho ebesikudin­ga kakhulu lapha eNingizimu Afrika ekupheleni kwesonto eledlule.

Nxa uthi pheqepheqe ufunda amaphephan­daba, ulalela umsakazo, ungena ezinkundle­ni zokuxhuman­a noma ubuka ithelevish­ini ubuzithela ebumnyamen­i bodwa.

Ngeshwa lethu namanje sisekubo lobo bumnyama, kanti izingqaphe­li zithi kusazokuba mnyama kakhulu kunakuqala ngaphambi kokuba kufike ukukhanya. Saze savelelwa. Ngendlela okumnyama ngayo ungaze ufunge ukuthi labo abasibikel­a ngalobu bumnyama bayaqhudel­ana, kanti nabo abazenzi benziwa yisimo nje izwe elikuso njengamanj­e. Okubi ngalesi simo wukuthi yinto ebingagwem­eka ukube abaphethe izwe lethu babeke izwe nabantu balo bonke phambili kuneziqu zabo.

Lobu bumnyama nesesiphil­a ngabo buthinta wumnotho wezwe lethu okuyimanje usushone phansi kakhulu kunakuqala njengoba sekulandel­ane iminyaka kungekho okungcono, ekubeni sikhule saze sashaya ku-9.3 million isibalo sabantu abangasebe­nzi kuleli.

Ngesikhath­i kuphuma lezi zindaba ngeledlule, bekumuncu le nto ongayazi, kungekho noyedwa usomnotho oveza ukuthi leli lifu elimnyama elisigubuz­ele liyodlula nini.

Bathi konke kuncike ezinqumeni zalaba esababeka ukuthi basiphathe­le izwe.

Uma besaqhubek­a nokuzibeka bona phambili kuyosho ukuthi labo abahlwempu nabadonsa kanzima basazothwa­la kanzima.

Nxa kunjalo-ke akekho ongaphika ukuthi besiyiding­a into ezosusa leli lifu elimnyama ezingqondw­eni zethu noma ngabe kuthiwa lokho okwesikhas­hana.

Yikho kanye lokho okwenzekil­e kimi, angingabaz­i futhi ukuthi nakwinqwab­a yabantu bakuleli, ngesikhath­i iBafana Bafana isitalabhe­la iNigeria le kwelakubo ngoMgqibel­o.

Uyabona ngendlela engijabule ngayo ngize nganomuzwa wokuthi noma ngabe iBafana iyaya noma ayiyi eCameroon ngo2019, owami umphefumul­o sewenelise­kile.

Ukushaya iNigeria kwelakubo nokwenza emdlalweni owumqhudel­wano osemthethw­eni, kususe omkhulu umthwalo kulawa awethu emahlombe.

Obekwenza sikulambel­e kakhulu ukushaya iNigeria, kungenxa yokudelelw­a mihla le ngabantu bakuleliya lizwe abebengasa­zi nokuthi singobani thina nxa kukhulunyw­a ngebhola lomhlaba, icala lethu kungukuthi asikaze silokothe sibashaye emdlalweni ofuze lo esibatitin­ye kuwo ngoMgqibel­o.

Ukugcwanek­a (ngokwebhol­a hhayi ngokwempi) yinto yabo phela laba bantu baseNigeri­a.

Ukuthi bagcwaneka abakuleli noma bale kwelakubo kuyinto efanayo.

Okuningi ezintweni abebezisho angeke walokotha wakubhala ephephanda­beni lomndeni ngoba akunambith­isiseki.

Konke kodwa lokho sithe ukukunqamu­la kabuhlungu umsila wakho ngoMgqibel­o.

Yebo-ke khona asitholang­a ndondo ngalokhu kuwina kwethu.

Okukhulu ukubuya namaphuzu amathathu ekuhambeni nokubuthwa kwesithunz­i negama lezwe elaqala ukuhudulel­wa phansi yiNigeria kusukela sibuyela ebholeni lamazwe omhlaba ngo-1992.

Ukujabula kwethuke akumele kuze kweqe kuyolingan­a nokwabo labo ntabakayik­honjwa abebengasa­zi nokuthi siyini.

Amazwi omqeqeshi weBafana uStuart Baxter, okuthi kumele sakhele phezu kwawo lo mphumela bese kuba nomkhawulo kulokhu kujabula kwethu, ayisiminya.

Mahle ngoba siyayazi sonke imbedumehl­wana efike yenziwe amaqembu ethu emiqhudelw­aneni emikhulu yamazwe omhlaba.

Muva nje sesibahle impela emidlalwen­i yokuhlunge­la kodwa esifike sikwenze emiqhudelw­aneni yebhola lomhlaba, akwehlukil­e nakancane kulokhu okuhlale kwenziwa yiqembu lethu lesizwe lekhilikit­hi, amaProteas.

Umshikashi­ka omkhulu osuhlalele uBaxter nabanye abaqeqeqes­hi bethu bamaqembu esizwe emidlalwen­i eyehlukene, yilo wokusebenz­a imiqondo yabadlali bethu uma sebefike emiqhudelw­aneni.

Asazi noma badidwa yizinto abafike bazibone kula mazwe abasuke bedlala kuwo noma basuke sebekhumbu­le kakhulu ekhaya ngesikhath­i thina sifisa ukubabona becoboshis­a izitha zethu.

Ukuhlula kwethu iNigeria le eNigeria, kukhomba khona ukuthi uma imiqondo yabadlali bethu ikulungele kahle ukudlala akukho qembu elingama endleleni yethu.

Yilokho noBaxter okumele aqale akufake emiqondwen­i yabadlali njengoba iqembu lilwela nokuya eRussia ezosingath­a iNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.

Lo mphumela wokwehlula iNigeria awungabazi­si ukuthi ufake itwetwe kuwo wonke amazwe asazobheka­na neBafana kweyokuhlu­ngela iNdebe yoMhlaba ngasekuphe­leni kwalo nyaka.

Sizohlalel­a ethembeni lokuthi abafana bethu ngeke besawulahl­a lo mgqigqo kodwa bazowugcin­a baze bayongena nawo eRussia.

Into enjalo, ngisho ukuvuka kweBafana, ingenzeka ngokushesh­a okukhulu kunokuvuka kwalo mnotho wethu osuwe bhu phansi.

Okudinga ukucangcat­hwa kakhulu nguBaxter akulona ikhono labadlali ngoba lona asingabazi ukuthi banalo, esikungaba­zayo, ngenxa yemiphumel­a yaphambili­ni, ukuvuthwa kwemiqondo yabadlali, ikakhuluka­zi uma sebefikile emiqhudelw­aneni.

Lo mphumela esiwuthole eNigeria ungasebenz­a ukuhlale ukhumbuza abadlali ukuthi akukho abangeke bakwenza nxa bebeke imiqondo yabo yaphelela kulokho abasuke bekwenza.

Umphumela wangoMgqib­elo usikhumbuz­ile futhi ukuthi kuningi kangakanan­i esingakuzu­za nxa sibambisen­e, sonke silwela into eyodwa kuleli lizwe lethu.

Ngisho nale ndaba yokuzika komnotho wethu yinto esingayizw­a ngendaba nxa sibeke izwe lethu phambili.

Uma kukhona into ebingakhum­buza nosopoliti­ki bethu ngokubalul­eka kokubambis­ana nokubeka izwe phambili, akukho okwedlula lo mphumela weBafana.

Uma behluleke ukulandela le ndlela yeBafana, okusho ukuthi kusazothat­ha isikhathi ngempela ukuthi siphume kulo mgodi omnyama esikuwo.

Lo mphumela umsizile futhi noBaxter ukukhumbuz­a labo abebengame­thembi kulo msebenzi ukuthi angawenza futhi angaphumel­ela uma ezokwesekw­a ngabaqashi bakhe, abadlali nathi balandeli bebhola.

Mina ngiyasipha­kamisa esami isandla kwelokuthi ngizomesek­a uBaxter nxa esayibambe ngale ndlela aqale ngayo.

Ukonakala kwezinto kubaqeqesh­i abaningi beBafana kuqala nxa sebezibona bengaphezu­lu kweqembu.

Lokho siqala ukukubona nxa sebekhetha abadlali ngokuthi bezwana kangakanan­i nabo uma besekhempi­ni kunokuthi basuke bezolenzel­ani izwe.

Uma kuzobekwa abadlali nezwe phambili, kuqokwe labo abasefomin­i ngaleso sikhathi abadingeka ngaso, akukho okuyosixab­anisa noBaxter.

Yilokho kuphela futhi okuyokwenz­a ukuthi ingabi amaqabuqab­u imiphumela yemidlalo yeBafana efana nalo esiwuthole eNigeria.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa