Singazuza lukhulu uma sibeka izwe nabadlali phambili
UKUJABULA yikho ebesikudinga kakhulu lapha eNingizimu Afrika ekupheleni kwesonto eledlule.
Nxa uthi pheqepheqe ufunda amaphephandaba, ulalela umsakazo, ungena ezinkundleni zokuxhumana noma ubuka ithelevishini ubuzithela ebumnyameni bodwa.
Ngeshwa lethu namanje sisekubo lobo bumnyama, kanti izingqapheli zithi kusazokuba mnyama kakhulu kunakuqala ngaphambi kokuba kufike ukukhanya. Saze savelelwa. Ngendlela okumnyama ngayo ungaze ufunge ukuthi labo abasibikela ngalobu bumnyama bayaqhudelana, kanti nabo abazenzi benziwa yisimo nje izwe elikuso njengamanje. Okubi ngalesi simo wukuthi yinto ebingagwemeka ukube abaphethe izwe lethu babeke izwe nabantu balo bonke phambili kuneziqu zabo.
Lobu bumnyama nesesiphila ngabo buthinta wumnotho wezwe lethu okuyimanje usushone phansi kakhulu kunakuqala njengoba sekulandelane iminyaka kungekho okungcono, ekubeni sikhule saze sashaya ku-9.3 million isibalo sabantu abangasebenzi kuleli.
Ngesikhathi kuphuma lezi zindaba ngeledlule, bekumuncu le nto ongayazi, kungekho noyedwa usomnotho oveza ukuthi leli lifu elimnyama elisigubuzele liyodlula nini.
Bathi konke kuncike ezinqumeni zalaba esababeka ukuthi basiphathele izwe.
Uma besaqhubeka nokuzibeka bona phambili kuyosho ukuthi labo abahlwempu nabadonsa kanzima basazothwala kanzima.
Nxa kunjalo-ke akekho ongaphika ukuthi besiyidinga into ezosusa leli lifu elimnyama ezingqondweni zethu noma ngabe kuthiwa lokho okwesikhashana.
Yikho kanye lokho okwenzekile kimi, angingabazi futhi ukuthi nakwinqwaba yabantu bakuleli, ngesikhathi iBafana Bafana isitalabhela iNigeria le kwelakubo ngoMgqibelo.
Uyabona ngendlela engijabule ngayo ngize nganomuzwa wokuthi noma ngabe iBafana iyaya noma ayiyi eCameroon ngo2019, owami umphefumulo sewenelisekile.
Ukushaya iNigeria kwelakubo nokwenza emdlalweni owumqhudelwano osemthethweni, kususe omkhulu umthwalo kulawa awethu emahlombe.
Obekwenza sikulambele kakhulu ukushaya iNigeria, kungenxa yokudelelwa mihla le ngabantu bakuleliya lizwe abebengasazi nokuthi singobani thina nxa kukhulunywa ngebhola lomhlaba, icala lethu kungukuthi asikaze silokothe sibashaye emdlalweni ofuze lo esibatitinye kuwo ngoMgqibelo.
Ukugcwaneka (ngokwebhola hhayi ngokwempi) yinto yabo phela laba bantu baseNigeria.
Ukuthi bagcwaneka abakuleli noma bale kwelakubo kuyinto efanayo.
Okuningi ezintweni abebezisho angeke walokotha wakubhala ephephandabeni lomndeni ngoba akunambithisiseki.
Konke kodwa lokho sithe ukukunqamula kabuhlungu umsila wakho ngoMgqibelo.
Yebo-ke khona asitholanga ndondo ngalokhu kuwina kwethu.
Okukhulu ukubuya namaphuzu amathathu ekuhambeni nokubuthwa kwesithunzi negama lezwe elaqala ukuhudulelwa phansi yiNigeria kusukela sibuyela ebholeni lamazwe omhlaba ngo-1992.
Ukujabula kwethuke akumele kuze kweqe kuyolingana nokwabo labo ntabakayikhonjwa abebengasazi nokuthi siyini.
Amazwi omqeqeshi weBafana uStuart Baxter, okuthi kumele sakhele phezu kwawo lo mphumela bese kuba nomkhawulo kulokhu kujabula kwethu, ayisiminya.
Mahle ngoba siyayazi sonke imbedumehlwana efike yenziwe amaqembu ethu emiqhudelwaneni emikhulu yamazwe omhlaba.
Muva nje sesibahle impela emidlalweni yokuhlungela kodwa esifike sikwenze emiqhudelwaneni yebhola lomhlaba, akwehlukile nakancane kulokhu okuhlale kwenziwa yiqembu lethu lesizwe lekhilikithi, amaProteas.
Umshikashika omkhulu osuhlalele uBaxter nabanye abaqeqeqeshi bethu bamaqembu esizwe emidlalweni eyehlukene, yilo wokusebenza imiqondo yabadlali bethu uma sebefike emiqhudelwaneni.
Asazi noma badidwa yizinto abafike bazibone kula mazwe abasuke bedlala kuwo noma basuke sebekhumbule kakhulu ekhaya ngesikhathi thina sifisa ukubabona becoboshisa izitha zethu.
Ukuhlula kwethu iNigeria le eNigeria, kukhomba khona ukuthi uma imiqondo yabadlali bethu ikulungele kahle ukudlala akukho qembu elingama endleleni yethu.
Yilokho noBaxter okumele aqale akufake emiqondweni yabadlali njengoba iqembu lilwela nokuya eRussia ezosingatha iNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.
Lo mphumela wokwehlula iNigeria awungabazisi ukuthi ufake itwetwe kuwo wonke amazwe asazobhekana neBafana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngasekupheleni kwalo nyaka.
Sizohlalela ethembeni lokuthi abafana bethu ngeke besawulahla lo mgqigqo kodwa bazowugcina baze bayongena nawo eRussia.
Into enjalo, ngisho ukuvuka kweBafana, ingenzeka ngokushesha okukhulu kunokuvuka kwalo mnotho wethu osuwe bhu phansi.
Okudinga ukucangcathwa kakhulu nguBaxter akulona ikhono labadlali ngoba lona asingabazi ukuthi banalo, esikungabazayo, ngenxa yemiphumela yaphambilini, ukuvuthwa kwemiqondo yabadlali, ikakhulukazi uma sebefikile emiqhudelwaneni.
Lo mphumela esiwuthole eNigeria ungasebenza ukuhlale ukhumbuza abadlali ukuthi akukho abangeke bakwenza nxa bebeke imiqondo yabo yaphelela kulokho abasuke bekwenza.
Umphumela wangoMgqibelo usikhumbuzile futhi ukuthi kuningi kangakanani esingakuzuza nxa sibambisene, sonke silwela into eyodwa kuleli lizwe lethu.
Ngisho nale ndaba yokuzika komnotho wethu yinto esingayizwa ngendaba nxa sibeke izwe lethu phambili.
Uma kukhona into ebingakhumbuza nosopolitiki bethu ngokubaluleka kokubambisana nokubeka izwe phambili, akukho okwedlula lo mphumela weBafana.
Uma behluleke ukulandela le ndlela yeBafana, okusho ukuthi kusazothatha isikhathi ngempela ukuthi siphume kulo mgodi omnyama esikuwo.
Lo mphumela umsizile futhi noBaxter ukukhumbuza labo abebengamethembi kulo msebenzi ukuthi angawenza futhi angaphumelela uma ezokwesekwa ngabaqashi bakhe, abadlali nathi balandeli bebhola.
Mina ngiyasiphakamisa esami isandla kwelokuthi ngizomeseka uBaxter nxa esayibambe ngale ndlela aqale ngayo.
Ukonakala kwezinto kubaqeqeshi abaningi beBafana kuqala nxa sebezibona bengaphezulu kweqembu.
Lokho siqala ukukubona nxa sebekhetha abadlali ngokuthi bezwana kangakanani nabo uma besekhempini kunokuthi basuke bezolenzelani izwe.
Uma kuzobekwa abadlali nezwe phambili, kuqokwe labo abasefomini ngaleso sikhathi abadingeka ngaso, akukho okuyosixabanisa noBaxter.
Yilokho kuphela futhi okuyokwenza ukuthi ingabi amaqabuqabu imiphumela yemidlalo yeBafana efana nalo esiwuthole eNigeria.