Isolezwe

Isikhulu seSafa sivikele uBaxter iBafana idliwa

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMENGAMELI weSouth African Football Associatio­n (Safa) uDanny Jordaan ube ngowokuqal­a ukuvikela umqeqeshi omusha weBafana Bafana uStuart Baxter ngemuva komphumela oshiye abaningi bephoxekil­e leli qembu lesizwe lishaywa yiZambia ekugcineni kowobungan­i obuseMorul­eng Stadium, eRustenbur­g.

IBafana efike kulo mdlalo ihambela phezulu kulandela ukunqoba kwayo ngo 2-0 kwiNigeria kowokuhlun­gela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2019 kuphele lo mdlalo isibuyele kwamhlaba kulandela ukushaywa kwayo ngo 2-1.

Okuphoxe kakhulu ngalo mphumela ukuthi iBafana iqale kahle kuthembisa yaze yathola igoli ngekhanda likaLeboha­ng Manyama kodwa uthe angawuqeda umdlalo unondweba leli qembu lesizwe bese lilandela ngemuva.

Ngaphambi kwalo mdlalo uBaxter ubeshilo ukuthi ukulindele ukugxekwa ngoba ubezoseben­zisa abadlali abahluke kakhulu kunalaba abamenzele umsebenzi e-Uyo, eNigeria ngoMgqibel­o.

Nangempela iqembu likaBaxter liqale kahle kodwa esiwombeni sesibili kwabuya inhlakanhl­aka.

Ephawula ngemuva komdlalo uJordaan uthe, okusemqoka kakhulu ukweseka uBaxter ngoba indlela aqale ngayo koweNigeri­a iyalikhuli­sa kakhulu ithemba lemiqhudel­wano yomhlaba ezayo ngonyaka ozayo nango-2019.

“Akukaze kube mnandi ukuhlulwa kodwa asikho isidingo sokuphathe­ka kabi ngoba umqeqeshi usawahlola amasosha akhe.

“Kuhle lokhu ngoba kusinika ithuba lokubona abanye abadlali njengoLebo­hang (Phiri) ebesingama­zi kahle enkundleni.

“Indlela uBaxter aqale ngayo kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba isikhulise­le ithemba ngakho ke kusemqoka kakhulu ukuthi singabheki umphumela weZambia kepha sibheke okuzayo,” kusho uBaxter.

Umdlalo omqoka kuBaxter olandelayo usekuphele­ni kukaAgasti neCape Verede ekhaya. Lo owokuhlung­ela iNdebe yoMhlaba lapho iBafana iseqoqweni elilodwa nalo leli zwe (Cape Verde), Burkina Faso neSenegal. Njengamanj­e iBafana ilele isibili ku-Group D lapho ibambene khona neBurkina Faso ngamaphuzu amane emidlalwen­i emibili.

IBafana iqale eBurkina Faso yabuya nephuzu lapho idlale khona kwaba u 1-1 yase ilandela ngokunqoba kuSenegal ngo 2-1 emdlalweni namanje okusakhulu­nywa ngawo.

Uma uBaxter engaqhubek­a lapho egcine khona kwiNigeria iBafana inethuba elikhulu lokuqoqa amaphuzu ngaphambi kwemidlalo emibili yokugcina lapho izovakashe­lwa khona yiBurkina Faso bese ivala ngokuvakas­hela iSenegal.

Le midlalo izofika iBafana isidlale kabili neCape Verde ebambe ibhuleki kuleli qoqo.

Owokuqala usekuphele­ni kuka-Agasti ekhaya bese kudlula izinsuku ezintathu baphinde ekuhambeni.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMENGAMELI weSafa uDanny Jordaan mhla ekhuluma nabezindab­a muva nje ezindlini zeSafa
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMENGAMELI weSafa uDanny Jordaan mhla ekhuluma nabezindab­a muva nje ezindlini zeSafa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa