Isolezwe

Kusadideka abaningi ngeMokka X

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: OPEL MOKKA X

YIZE sekuphele unyaka odlule isikhona emagaraji akwaGenera­l Motors iMokka X kodwa kusenabant­u abangayazi.

Lokhu ngikubone kahle ngempelaso­nto ngesikhath­i ngithole ithuba lokuyishay­ela. Kwezinye izindawo engiye kuzona bekunabant­u abafuna ukuyibonel­a eduze ngenxa yokuthi kabayazi.

IMokka X isuselwe kwiMokka yakwabo kodwa kunezinto ezimbalwa ezishintsh­iwe okubalwa kuzoba namalambu angaphambi­li nokunye.

Ihlukene ngezinhlob­o ezimbili okuyi-Enjoy neCosmo. I-Cosmo ebengihamb­a ngayo, igabe ngeR4.0 IntelliLin­k eshaya nge-touch screen engikuthol­e kulula ukuyiseben­zisa. Ukwazi ukuxhuma iselula ye-Android noma i-iPhone bese ikuvezela yona kwi-screen. Ungafunga ukuthi yiselula uqobo uma isivela.

Okunye okungichaz­ile ngayo wukuthi iyakutshel­a ukuthi uphethrili osele ungakanani noma sekumele iye kwisevisi.

Njengoba ebusuku kubanda nje, uwezwa ngendaba amakhaza uma uhamba ngayo ngoba ngaphandle kwe-aircon, izihlalo zayo zesikhumba uyakwazi ukuzifudum­eza.

Amalambu eCosmo uyakwazi ukufaka awe-LED nangemuva. Awangapham­bili akwazi ukuthi uma kukhona imoto eqhamukayo adime uma isidlulile bese ekhanya kakhulu okuyinto echaze umfowethu omdala. Uze wathi uyaqala ukubona amalambu anamahloni kangaka. Emajikeni ikhanyisa kakhulu ngasohlang­othini ojikela ngakulona.

Injini kukhona engu-1.4 litre fourcylind­er turbocharg­ed ECOTEC kaphethrol­i.

Ikhahlela amandla angu103 kw ne-torque ka-200Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu9.8 kanti ijubane layo elikhulu ngu-196km/h. Engikuqaph­elile kuyo wukuthi inamandla ngoba izintaba zaseNdundu­lu ibizishaya ingazizwa.

Zonke izinhlobo zidla uphethroli ophakathi kwamalitha angu-5.9 ngebanga lika-100km nangu-6.5.

Kuya ngokuthi ushayela kanjani njengoba ngesikhath­i ngihamba ngayo ngibuya oLundi ngiya eThekwini ingitshele ukuthi iphuza amalitha angu-5.9 ngebanga lika-100km. INANI MOKKA X 1.4T Cosmo 6MT R 357, 400

Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ephela ngemuva kwebanga eliwu-120 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma iphele ngemuva kuka-90 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa