Kusadideka abaningi ngeMokka X
YIZE sekuphele unyaka odlule isikhona emagaraji akwaGeneral Motors iMokka X kodwa kusenabantu abangayazi.
Lokhu ngikubone kahle ngempelasonto ngesikhathi ngithole ithuba lokuyishayela. Kwezinye izindawo engiye kuzona bekunabantu abafuna ukuyibonela eduze ngenxa yokuthi kabayazi.
IMokka X isuselwe kwiMokka yakwabo kodwa kunezinto ezimbalwa ezishintshiwe okubalwa kuzoba namalambu angaphambili nokunye.
Ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyi-Enjoy neCosmo. I-Cosmo ebengihamba ngayo, igabe ngeR4.0 IntelliLink eshaya nge-touch screen engikuthole kulula ukuyisebenzisa. Ukwazi ukuxhuma iselula ye-Android noma i-iPhone bese ikuvezela yona kwi-screen. Ungafunga ukuthi yiselula uqobo uma isivela.
Okunye okungichazile ngayo wukuthi iyakutshela ukuthi uphethrili osele ungakanani noma sekumele iye kwisevisi.
Njengoba ebusuku kubanda nje, uwezwa ngendaba amakhaza uma uhamba ngayo ngoba ngaphandle kwe-aircon, izihlalo zayo zesikhumba uyakwazi ukuzifudumeza.
Amalambu eCosmo uyakwazi ukufaka awe-LED nangemuva. Awangaphambili akwazi ukuthi uma kukhona imoto eqhamukayo adime uma isidlulile bese ekhanya kakhulu okuyinto echaze umfowethu omdala. Uze wathi uyaqala ukubona amalambu anamahloni kangaka. Emajikeni ikhanyisa kakhulu ngasohlangothini ojikela ngakulona.
Injini kukhona engu-1.4 litre fourcylinder turbocharged ECOTEC kaphethroli.
Ikhahlela amandla angu103 kw ne-torque ka-200Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu9.8 kanti ijubane layo elikhulu ngu-196km/h. Engikuqaphelile kuyo wukuthi inamandla ngoba izintaba zaseNdundulu ibizishaya ingazizwa.
Zonke izinhlobo zidla uphethroli ophakathi kwamalitha angu-5.9 ngebanga lika-100km nangu-6.5.
Kuya ngokuthi ushayela kanjani njengoba ngesikhathi ngihamba ngayo ngibuya oLundi ngiya eThekwini ingitshele ukuthi iphuza amalitha angu-5.9 ngebanga lika-100km. INANI MOKKA X 1.4T Cosmo 6MT R 357, 400
Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ephela ngemuva kwebanga eliwu-120 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma iphele ngemuva kuka-90 000km.