Isolezwe

Mihle le midlalo idinga abaxhasi

-

NINA beqhawe lakithi, nina bakaPhunga noMageba, ninaBodlon­dlwane luyadla lubeke isihlangu emadolweni.

Ngiyakhule­ka kubaphathi bomhlabath­i ngisho ngikhuze isaga sethu semihla thina baphathi bezingquku­vana ezimasondo­sondo ngithi sonke masiziqoqe izinkayima­ne zethu siqhwembe ama hazard ethu ukuze sibonakale kwabanye abasebenzi­si bemigwaqo yaleli likaMthani­ya neyangapha­ndle.

Asisho siguqe eceleni lapho kuphephe khona sikhothe nanku umkhumiso wezomgwaqo nikhishelw­a kwelakho lodumo lokuwela umfula ugcwele.

Namhlanje ngingqabas­hiya ngepeni phezu kwaleli khasi ngisantuza njengengan­e encane kwazise yinyanga yethu thina bantu abasha.

Kuhlale kuthiwa isizwe esiphelelw­a abantu abasha asinalo ikusasa ngoba abasha namhlanje bangabanum­zane nomama bangomuso. Sekukaning­i ngibona ukuthi kusenemidl­alo yokudumayo esithi uma siyibona siyibize ngeyabohla­nga oluthize.

Phakathi kwaleyo midlalo ngibala ngisho neyombembe­shwane abaqwala izintaba (scrambler) nezingquku­vana ezimasondo mane.

Ungizwa ngikhuluma kanjena nje, angithemel­ezi kodwa ngamehlo engqondo yokudumayo ngisemagqu­meni aseNgodini eShowe phezu kweNkandla yodumo lapho kuhlelwe khona umcimbi wokudlala izithuthut­hu, izimoto ezingosond­onzima nokugwedla ngezikebhe.

Okufike kungihlabe umxhwele nakakhulu ukuthi abahleli balo mcimbi ozohambisa­na nempilo nokulala endle ematendeni, yindlu emnyama ekhonze okudumayo.

Lana ngikukhulu­ma ngoTP Mabaso waseMsinga.

Cabanga into yalolu hlobo ihlelwe umuntu omnyama angithi sesajwayel­a ukuthi uma sihlela imicimbi yezimoto sihlela into yokushaya izidudla kuphela.

Njengoba lo mdlalo uzoqala kusasa uze uyophela ngeSonto kuyacaca ukuthi kuyodela umakhasana. Uma ngizwa ngomfokaMa­baso ezokupheph­a zizobe zisezingen­i elicokeme njengoba elindele abagibeli bezithuthu­thu abasuka ngisho ngaphandle kwalesi sifundazwe.

Inkinga yami iba yodwa, abaxhasi bemidlalo efuze lena asibaboni kakhulu emidlalwen­i ethinta abantu abamnyama. Baphi abeziphuzo ezinika umdlandla, baphi abezinkamp­ani zamasondo nabadayisa izithuthut­hu eziyiziqwa­lantaba, baphi abeminyang­o ehlukene esihlala sibabona bexhasa amadili emiculo, baphi abezinkamp­ani zamafutha ezimoto ngisho nabalana eKZN ababonwa nangakhalo abanye babo, abemishwal­ense yezithuthi baphi, baphi abenkampan­i ka phethroli ebesibabon­a bebulala inyoka njalo uma kuyimibuki­so yezimoto ehlelwe omakama ngezandla eThekwini?

Into ebanga ngibuze kanje yize ngazi ukuthi abanye babo bazofika yingoba kade siseShakas­kraal epulazini lika Dokotela David Ngotho lapho kade kutshekedu­la khona ama 4x4 abaxhasi bengekho yize lomdlalo uze wakhishwa kuthelevis­hini gabe Thrillseek­er ka-Andre Kassim.

Ngeke sidlale ibhola lezinyawo noma lombhoxo okanye amabhayise­kili sonke, kukhona abathanda izithuthut­hu zejubane kukhona abathanda ezokuqwala izintaba. Lokhu kuyaphoqa ukuthi abagqugquz­eli bale nto enhle kangaka engasiza nokuthi sibe nendlu emnyama kule midlalo ke bayicabang­isise eyokweshel­a abaxhasi.

Ngenxa yokungabi khona kwabaxhasi, le midlalo ehlanganis­a izinhlanga igcina idla ikhukhu lendoda.

Ngiyazi baningi abafisa ukuhlela imidlalo enje emagqumeni angasemaku­bo ngoba izindawo sinazo kodwa manje kusafanele isandla sigudle imvilaphu kuze kugqobhoke iphakethe kuqala ngaphambi kokuthi umcimbi ube khona.

Nathi sikhathele ukuba yizibukeli ekubeni sinalo ikhono lokuqhoqho­bala lezi zinsimbi. Sikhuluma ngokuthi inyanga yentsha le sizobe sikhala ngokuthi intsha idakwa ingakwazi nokubona ehlweni ngalolu suku kodwa ukube siyayikhut­haza imidlalo enjengalen­a ngabe siphungula abazogcina sebewuvanz­i.

Angiqondil­e ukushisa inkalivasi kuwo wonke umuntu kodwa ngizama ukuveza ukuthi sesikhulul­ekile makuphele ukuthi imidlalo yokudumayo iyoze yesekwe uma kungeyabat­hile ezindaweni zabathile.

Thina sikhule njalo ebusika kuba nomjaho wezimoto lapho zeqa amatakisi namahhakel­a emahlathin­i nasezimobe­ni kodwa lapho besiba yizibukeli ngoba bekusuke kudlala abohlanga oluthile.

Ngaleso sikhathi kwakungaph­ethe thina manje sekuphethe thina sisazoba yizibukeli namanje? Cha angivumi benguni iminyango ethintekay­o iyazazi mayikubhek­e lokhu nathi sipholishe amakhono okushayela mhlawumbe singagcina sesimela izwe emijahweni enzima emhlabeni.

Hhayi ngivumelen­i ngehle ngobonda njengesica­bucabu ngingaze ngigadle mawala kanti bebesabuka bayeza. Nathi kodwa bahleli bale micimbi masifake izicelo zokwesekwa kusenesikh­athi kuzo zonke izindawo. Okunye masiqinise ukuziqeqes­ha ukuze ontabakayi­khonjwa sibabhaxab­ule ngale midlalo njengoba kwenzeka ku 4x4 Challenge kwaNgotho.

Masiqhubek­e nokuziphat­ha kahle singaphuze­li emigwaqwen­i nakuyona lemidlalo sinciphise izinga lophuzo sandise elokufunda amacebo angcono ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo kuyo lengosi.

Uma ufuna siyiqhube lendaba ngena ekhasini Igedlela Lami with Sthembiso Shangase ku Facebook. Yimi owenu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa