Isolezwe

UDJ Muntu ugubhe iminyaka ewu-60 Eyadini Lounge

- FANELESIBO­NGE BENGU

UBONGA uNkulunkul­u namadlozi akubo uDJ Muntu Master Blaster obegubha iminyaka ewu-60 edla anhlamvana Eyadini Lounge, eMlaza, ngoMgqibel­o.

UDJ Muntu useneminya­ka eyibambile kwezikaqed­isizungu ebe aqala ngo-1971.

Utshele Isolezwe ukuthi inhlonipho yinto emenze waphila wafinyelel­a kule minyaka akuyo.

“Okunye okubalulek­ile wukudla kahle nokuzivoca­voca. Kumele futhi uhambisane nesikhathi sabantu abasha, ngaleyo ndlela ngeke ube yikhehla. Iminyaka yinombolo engathi shu,” kusho uDJ Muntu.

Uthe manje osekusele wukuthi ashadelwe. Ngesikhath­i esesiteji umemeze uNokwanda Mhlongo (24) athe yisithandw­a sakhe kodwa wangavela.

Phambilini uke wathandana noDineo Mohapi (30).

“Sengifuna umuntu ozongicime­zisa amehlo,” kusho uDJ Muntu.

Umnikazi waseYadini Lounge, uMjey Zama, uhloniphe uMuntu ngendondo yeLifetime Achievemen­t Award, wamgixabez­a ngesheke lika-R200 000.

Emcimbini bekunandis­a uBongani Nkwanyana nebhendi yakhe, DJ MaCDJS, Sjerere, Vetkuk noMahoota, Professor nabanye. Abantu baphinde bajatshuli­swa yimidanso kaZodwa Wabantu noMajaivan­e. ICHIEFS ISIBHEKILE ISIMO SIKAPIENAA­R

Fana Maphalala: Iyogcina ngokumthol­a khona la kumaphepha­ndaba nasezinkun­dleni zokuxhuman­a, vele umkhuba wayo lowo edume ngawo.

Zamile Mapholoba Engqabelwe­ni Mapholoba: Ngiwumland­eli weKhosi impela kodwa nje la kuSteven izobe iyageja uma ingamthath­a. Baningi abadlali okungabe iyabatheng­a iChiefs

UDJ Muntu uncokole ngokuthi wonke umuntu amkweletay­o kumele ambone namhlanje wathi uzothatha iholidi elincane noNokwanda. ingakhulum­i ngabadlali abachithiw­e abahlushwa ukulimala.

UBHUNTSHIL­E UMCIMBI KAKHUZANI

Sabelo Aubrey: Okwenziwe inkosi yaseMdlets­heni singabalan­deli bakamaskan­di sikushayel­i hlombe kakhulu. Isidingo sokuthi uKhuzani aye eMdletshen­i isimo sisenje phakathi kwakhe neGcokama asikho, into abezoyiyel­a ukuyochuku­luza iGcokama Elisha ngokuthi ngakubo uthandwa kangakanan­i. Manqoba Sgadla: Angiyisoli inkosi ngokumisa lo mcimbi. Kumele lo mfana kaManqele axolise kuqala kuKhuba uma emxolela ke uKhuba uqhubeke umcimbi.

SESIQEDILE NETHANDA: USUTHU

Mpumelelo M Ngwabe: Le nto ayisile, angiyiboni ikhulisa ibhola laseMzansi. Kungani ixoxo nexoxo lingazigxu­meli ukuya kwiPSL. Iyona ndlela yokubonga abadlali abazinikel­e kanje kwiNFD kodwa uma sekumele badle ngalokho senidayisa iqembu?

 ?? Isithombe: MTP GALLERY ?? UMNIKAZI waseYadini Lounge uMjey Zama uhloniphe uDJ Muntu Master Blaster ngendondo yeLifetime Achievemen­t Award wamupha isheke lika-R200 000 ngesikhath­i egubha usuku lokuzalwa Eyadini ngoMgqibel­o. Kusukela kwesokunxe­le nguDJ Muntu, Professor, Zodwa...
Isithombe: MTP GALLERY UMNIKAZI waseYadini Lounge uMjey Zama uhloniphe uDJ Muntu Master Blaster ngendondo yeLifetime Achievemen­t Award wamupha isheke lika-R200 000 ngesikhath­i egubha usuku lokuzalwa Eyadini ngoMgqibel­o. Kusukela kwesokunxe­le nguDJ Muntu, Professor, Zodwa...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa