UDJ Muntu ugubhe iminyaka ewu-60 Eyadini Lounge
UBONGA uNkulunkulu namadlozi akubo uDJ Muntu Master Blaster obegubha iminyaka ewu-60 edla anhlamvana Eyadini Lounge, eMlaza, ngoMgqibelo.
UDJ Muntu useneminyaka eyibambile kwezikaqedisizungu ebe aqala ngo-1971.
Utshele Isolezwe ukuthi inhlonipho yinto emenze waphila wafinyelela kule minyaka akuyo.
“Okunye okubalulekile wukudla kahle nokuzivocavoca. Kumele futhi uhambisane nesikhathi sabantu abasha, ngaleyo ndlela ngeke ube yikhehla. Iminyaka yinombolo engathi shu,” kusho uDJ Muntu.
Uthe manje osekusele wukuthi ashadelwe. Ngesikhathi esesiteji umemeze uNokwanda Mhlongo (24) athe yisithandwa sakhe kodwa wangavela.
Phambilini uke wathandana noDineo Mohapi (30).
“Sengifuna umuntu ozongicimezisa amehlo,” kusho uDJ Muntu.
Umnikazi waseYadini Lounge, uMjey Zama, uhloniphe uMuntu ngendondo yeLifetime Achievement Award, wamgixabeza ngesheke lika-R200 000.
Emcimbini bekunandisa uBongani Nkwanyana nebhendi yakhe, DJ MaCDJS, Sjerere, Vetkuk noMahoota, Professor nabanye. Abantu baphinde bajatshuliswa yimidanso kaZodwa Wabantu noMajaivane. ICHIEFS ISIBHEKILE ISIMO SIKAPIENAAR
Fana Maphalala: Iyogcina ngokumthola khona la kumaphephandaba nasezinkundleni zokuxhumana, vele umkhuba wayo lowo edume ngawo.
Zamile Mapholoba Engqabelweni Mapholoba: Ngiwumlandeli weKhosi impela kodwa nje la kuSteven izobe iyageja uma ingamthatha. Baningi abadlali okungabe iyabathenga iChiefs
UDJ Muntu uncokole ngokuthi wonke umuntu amkweletayo kumele ambone namhlanje wathi uzothatha iholidi elincane noNokwanda. ingakhulumi ngabadlali abachithiwe abahlushwa ukulimala.
UBHUNTSHILE UMCIMBI KAKHUZANI
Sabelo Aubrey: Okwenziwe inkosi yaseMdletsheni singabalandeli bakamaskandi sikushayeli hlombe kakhulu. Isidingo sokuthi uKhuzani aye eMdletsheni isimo sisenje phakathi kwakhe neGcokama asikho, into abezoyiyela ukuyochukuluza iGcokama Elisha ngokuthi ngakubo uthandwa kangakanani. Manqoba Sgadla: Angiyisoli inkosi ngokumisa lo mcimbi. Kumele lo mfana kaManqele axolise kuqala kuKhuba uma emxolela ke uKhuba uqhubeke umcimbi.
SESIQEDILE NETHANDA: USUTHU
Mpumelelo M Ngwabe: Le nto ayisile, angiyiboni ikhulisa ibhola laseMzansi. Kungani ixoxo nexoxo lingazigxumeli ukuya kwiPSL. Iyona ndlela yokubonga abadlali abazinikele kanje kwiNFD kodwa uma sekumele badle ngalokho senidayisa iqembu?