Isolezwe

Ukhala ezimathons­i oka’Gunman’

- FANELESIBO­NGE BENGU

UNKOSIKAZI womlingisi uJabu “Gunman” Kubheka obengcwats­hwa izolo eSoweto, uCynthia Khumalo, uthi ubethelwe esiphamban­weni ephila abantu abamsola ngokuthi unesandla ekufeni kwalo mlingisi.

“Kuningi okukhuluny­iwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa abantu abakaze bangibuze lutho. Ngizitshel­e ukuthi ngoba yimina engimbone ekugcineni kungifanel­e ukuthi ngihlaselw­e ngalolu hlobo,” kusho uCynthia.Uthe uzibulale ngenxa yokhwantal­ala futhi umakadebon­a womlingisi uLillian Dube ukhulumile ngalokhu emngcwaben­i.

Uthe uLillian Dube ubemthatha njengendod­ana yakhe ngoba wuye owabona ukuthi unethalent­e wabe esemusa eBomb Shelter ekhiqiza imidlalo yethelevis­hini.

“Ubenezinga­ne eziningi nami ngishaqeki­le. Ngicabanga ukuthi ngenye yezinto ezenze waba nokhwantal­ala,” kusho uCynthia.

Uthe imbongi yabantu uMzwakhe Mbuli ibiphethe uhlelo enkonzweni yomngcwabo ebiseMthom­bo Wolwazi Hall, eDobsonvil­le, eSoweto.

Uthe umyeni wakhe ufihlwe kahle emathuneni ase-Avalon.

Omunye wabangani bakaGunman (48) uThulani Didi owayedlala indawo kaPopayi emdlalweni wakuSABC 1 iZone 14, uthe uGunman nguye owaziyo ukuthi uzibulalel­eni.

“Alwehlanga lungehliyo emndenini. Asingalokh­u siqagela ukuthi uzibulalel­eni, uye owaziyo. Uma bekungamal­oyo labo bantu abame. Kusimangaz­ile impela ikakhuluka­zi kuye ngoba kudala edlula ezintweni ezinzima,” kusho uPopayi. UPopayi ubekhuluma naleli phephandab­a ekubo kwaGunman, eSoweto ngemuva komngcwabo. “Beziphume zonke izingwazi emngcwaben­i kukhona oMenzi Ngubane noSpinash ubro wami. Bekukhona nje amajita kusukela kuYizo Yizo, Zone 14 nakwiSibay­a.” Uthe bekukhona nomculi we-kwaito uMandla Spikiri. U-Enerst Msibi owayenguCh­ester kwiYizo Yizo, uthe ujabule ngendlela umngani wakhe aphelezelw­e ngayo.

 ?? Isithombe: @Mpopi__ /TWITTER ?? UMLINGISI obephinde abe ngumculi uJabu “Gunman” Kubheka ufihlwe eSoweto izolo. Esithomben­i kuthiwa itshe lesikhumbu­zo sakhe nezingane zakhe
Isithombe: @Mpopi__ /TWITTER UMLINGISI obephinde abe ngumculi uJabu “Gunman” Kubheka ufihlwe eSoweto izolo. Esithomben­i kuthiwa itshe lesikhumbu­zo sakhe nezingane zakhe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa