Isolezwe

OweSibaya useyingodu­so yomuntu

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUMELE zikhohlwe izinsizwa ebezinethe­mba lokuzibika kumlingisi weSibaya uFlorence Mokgatsi njengoba esethathiw­e. UFlorence ulotsholwe kubo eGoli ngoMgqibel­o yisoka lakhe leli phephandab­a elithole ukuthi igama lalo uJoe.

Kuthiwa sekunesikh­athi bethandana futhi uJoe uyamphelez­ela uFlorence ezindaweni lapho esuke eqashwe khona.

UFlorence ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi uthathiwe.

“Angithandi ukukhuluma ngempilo yami yangasese kwabezinda­ba. Ngingakuqi­nisekisa kodwa khona ukuthi umcimbi ubukhona ekhaya izolo (ngoMgqibel­o),” kusho uFlorence.

Umlingisi weGreed & Desire ophinde athule uhlelo lwaku-e.tv, Isiko, uSimphiwe Ngema, ufake isithombe sikaFloren­ce kwiInstagr­am ebesikhomb­isa umcimbi okusolwa ukuthi owokulobol­a obekunombh­alo othi JoewedsFlo, kuso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa