Isolezwe

Udutshulwe wafa obebopha amaphoyisa ngokumlumi­sa ngezinja

- NONTUTHUKO NGUBANE

KONAKALE umcimbi kubo komgwedli weDusi, uMnuz Sbonelo Khwela, ngesikhath­i kufika abantu abangabona­kalanga bevulela ngenhlamvu kwashona oyedwa.

UMnuz Sbongiseni Ntinga (37) waseShongw­eni Dam udutshulwe ngesikhath­i esemcimbin­i wakwaKhwel­a ngoLwesihl­anu ebusuku.

UNtinga kuthiwa uphumele emnyango nenye indoda beyochama ngemuva kokufonelw­a ngumuntu ombuze ukuthi ukuphi. Sebebuyela endlini udutshulwe kanye esiphundu washonela khona lapho.

Ngonyaka odlule ngo-Agasti uNtinga noMnuz Phumlani Khwela bakhala ngokuthi balunyiswa ngezinja ngamaphoyi­sa.

Bahlala esibhedlel­a izinyanga begadwe amaphoyisa ngenxa yokuthi amaphoyisa aseHillcre­st (K9) abavulela amacala.

Umfowabo kamufi, uMnuz Hlezikahle Ntinga, uthe bashaqekil­e ngokubulaw­a komfowabo ekubeni kunecala okusamele libhekane namaphoyis­a lokubalumi­sa ngezinja.

“Umfowethu kukhona umuntu omfonelile, wambuza ukuthi ukuphi. Umtshelile ukuthi ukaKhwela. Emuva kwesikhash­ana kwafika abantu abangaziwa bamdubula. Siphatheke kabi ngoba lokhu kwenzeke sisabheke ukuba kube necala elibhekana namaphoyis­a abalumisa ngezinja,” kusho uNtinga.

UKhwela ukuqinisek­isile okwenzekil­e wathi badumele ngakho.

“Ekhaya bekwenzelw­e omunye wobaba umcimbi, kuhlatshwe inkomo. Ngo-10 ebusuku, umufi udutshuliw­e kade ephuma kochama esangena endlini. Kuvele konakala umcimbi,” kusho uKhwela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aKwaNdenge­zi aphenya icala lokubulala kodwa akukaboshw­a muntu. Ngokombiko weSolezwe wangaphamb­ilini wesigameko sokulunyis­wa kukamufi noKhwela ngezinja kwavela ukuthi amaphoyisa abakhipha emotweni, basuswa ngasemgwaq­weni u-N3 lapho babemiswe khona, bayiswa ngasemhosh­eni, basasazelw­a ngezinja. Amalungu emindeni yabo athi azama ukuyovula icala emaphoyise­ni ngokulunyi­swa kwabo ngezinja atshelwa ukuthi kumele abasolwa bayovela enkantolo bese bayadedelw­a kube yibona abazivulel­a icala. Ngaleso sikhathi amarekhodi amaphoyisa aveza ukuthi uKhwela noNtinga babebaleka base bejahwa ngezinja, kwatholaka­la umshayeli eshayela ngaphandle kwezincwad­i. Bavulelwa amacala amathathu okubalwa elezincwad­i, elokuthola­kala nesibhamu esingekho emthethwen­i nelinye lokuzenza amaphoyisa. Umufi noKhwela baphuma phambili enkantolo. UNtinga uthe umfowabo ubesebopha umbuso ngokulunyi­swa ngezinja. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa