Udutshulwe wafa obebopha amaphoyisa ngokumlumisa ngezinja
KONAKALE umcimbi kubo komgwedli weDusi, uMnuz Sbonelo Khwela, ngesikhathi kufika abantu abangabonakalanga bevulela ngenhlamvu kwashona oyedwa.
UMnuz Sbongiseni Ntinga (37) waseShongweni Dam udutshulwe ngesikhathi esemcimbini wakwaKhwela ngoLwesihlanu ebusuku.
UNtinga kuthiwa uphumele emnyango nenye indoda beyochama ngemuva kokufonelwa ngumuntu ombuze ukuthi ukuphi. Sebebuyela endlini udutshulwe kanye esiphundu washonela khona lapho.
Ngonyaka odlule ngo-Agasti uNtinga noMnuz Phumlani Khwela bakhala ngokuthi balunyiswa ngezinja ngamaphoyisa.
Bahlala esibhedlela izinyanga begadwe amaphoyisa ngenxa yokuthi amaphoyisa aseHillcrest (K9) abavulela amacala.
Umfowabo kamufi, uMnuz Hlezikahle Ntinga, uthe bashaqekile ngokubulawa komfowabo ekubeni kunecala okusamele libhekane namaphoyisa lokubalumisa ngezinja.
“Umfowethu kukhona umuntu omfonelile, wambuza ukuthi ukuphi. Umtshelile ukuthi ukaKhwela. Emuva kwesikhashana kwafika abantu abangaziwa bamdubula. Siphatheke kabi ngoba lokhu kwenzeke sisabheke ukuba kube necala elibhekana namaphoyisa abalumisa ngezinja,” kusho uNtinga.
UKhwela ukuqinisekisile okwenzekile wathi badumele ngakho.
“Ekhaya bekwenzelwe omunye wobaba umcimbi, kuhlatshwe inkomo. Ngo-10 ebusuku, umufi udutshuliwe kade ephuma kochama esangena endlini. Kuvele konakala umcimbi,” kusho uKhwela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aKwaNdengezi aphenya icala lokubulala kodwa akukaboshwa muntu. Ngokombiko weSolezwe wangaphambilini wesigameko sokulunyiswa kukamufi noKhwela ngezinja kwavela ukuthi amaphoyisa abakhipha emotweni, basuswa ngasemgwaqweni u-N3 lapho babemiswe khona, bayiswa ngasemhosheni, basasazelwa ngezinja. Amalungu emindeni yabo athi azama ukuyovula icala emaphoyiseni ngokulunyiswa kwabo ngezinja atshelwa ukuthi kumele abasolwa bayovela enkantolo bese bayadedelwa kube yibona abazivulela icala. Ngaleso sikhathi amarekhodi amaphoyisa aveza ukuthi uKhwela noNtinga babebaleka base bejahwa ngezinja, kwatholakala umshayeli eshayela ngaphandle kwezincwadi. Bavulelwa amacala amathathu okubalwa elezincwadi, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelinye lokuzenza amaphoyisa. Umufi noKhwela baphuma phambili enkantolo. UNtinga uthe umfowabo ubesebopha umbuso ngokulunyiswa ngezinja. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.